ABAKWASIDLODLO bathungatha umkhondo wabasolwa ngecala lokubulala owesifazane, base becwiya izitho zomzimba eNorthdale, eMgungundlovu.
Kuthiwa kutholakale isidumbu sowesifazane ehlubulwe isikhumba ebusweni, wakopilitwa amehlo, wasikwa ikhala nezindlebe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda uziqinisekisile izindaba, wathi kunophenyo oluqhubekayo ngesehlo.
“Amaphoyisa aseMountain Rise, aphenya icala lokubulala ngemva kwesigameko sokutholakala kwesidumbu sowesifazane oneminyaka engu-27 eNorthdale, ngoLwesine. Kukholakala ukuthi lo wesifazane ubelinyaziwe ebusweni,” kusho uColonel Netshiunda.
I-Independent Online ike yabika ukuthi izingane ezilinganiselwa eminyakeni eyisishiyagalombili neshumi ebezidlala esitaladini, zizithele phezu kwesidumbu sowesifazane.
Emva kokuthi zizithele kulesi sidumbu, abaqaphe ukuthula kule ndawo baphuthume khona bayobheka.
Abaqaphe ukuthula endaweni iMi7, baphawulile ngesidumbu sowesifazane otholakale eNorthdale: “Uma ubheka indlela alinyazwe ngayo lo wesifazane kukhona ukuthi ube yisisulu ecaleni elibi. Kodwa ukuhlolwa kwesidumbu sakhe yikhona okuzocacisa ngokwenzekile kulo wesifazane,” kusho iMi7
Amaphoyisa unxusa noma ngubani ongaba nolwazi, ukuze kugcine kubanjwe abenzi bobubi ukuthi afonele amaphoyisa aseMountain Rise kule nombolo ethi: 033 387 9600.