Imindeni ikhala ngokudembesela kwamaphoyisa uma ebikelwa ngokuduka kwamantombazane asemancane.
Lokhu kushiwo imindeni yamantombazane amabili aduke ezehlakalweni ezehlukene eThekwini, ngeledlule.
Umndeni kaNqobile Hlophe (13) ofunda uGrade 8 ePinetown Girls, oduke ephuma esikoleni ngoLwesihlanu, watholakala ngoMgqibelo eseshonile nokaNksz Nokubonga Ndimande (19) ohlala eGreenwood Park, oduke ngoMsombuluko odlule, ehambe ekhaya eya edolobheni eThekwini, osafunwa, ithi ukudembesela kwamaphoyisa kunikeza izigebengu ithuba lokwenza kahle ubugebengu.
UMnuz Mbuso Dladla umalume kaNokubonga Ndimande, uthe amaphoyisa athe amantombazane amancane ngokujwayelekile asuke engadukile, asuke ezihlalele namasoka.
UDladla uthe njengoba u Nokubonga wabikwa ngoLwesithathu, ukuthi udukile kodwa akekho umphenyi ophenya ngokulahleka kwakhe anikezwe yena esiteshini, iGreenwood Park. Amaphoyisa ngoLwesihlanu athe azoqala aphenye ngoba elokhu ebuya.
" Angiwasoli amaphoyisa ngokucabanga kanjalo ngoba umshana wami naye bekwenzeka ahambe angabuyi aze abuye ngakusasa. Kulokhu sekuphele isonto nokuyinto angakaze ayenze," kusho uDladla.
UMnuz Khetho Hlophe umalume kaNqobile, uthe bewumndeni bathe noma bezwa lokho abakutshelwa amaphoyisa, baphuma bazifunela ingane yabo.
"Ngisizwe ukuthi ngibuye ngibambe itoho ezimotweni ezikhokhelwa ngebanga ezilihambile. Ngifake isithombe ezinkundleni zezokuxhumana. Lolo lwazi luholele ekutheni sishayelwe ngumuntu othe uke wabona intombazane efake umfaniswano ofana nowakhe igijima ngasemgwaqweni ongenela emathuneni e-Ashley ntambama ngoLwesihlanu. Sifike kuleyo ndawo entathakusa ngoMgqibelo sathola isikhwama sakhe. Sase sishayela amaphoyisa asitshela ukuthi kunengane yesikole eshayiswe izimoto ngayizolo. Saya emakhazeni sathola ukuthi uyena," kusho yena.
Uthe umufi ubelimele kakhulu. Umzimba udlavazekile kubonakala ukuthi ushayiswe yizimoto eziningi. Uthe amaphoyisa athe imoto yokuqala emshayisile ayimanga, kwalandela nezinye.
Uqhube wathi umthetho wamahora angu-24 oshiwo ngamaphoyisa nezigebengu ziyawazi, okwenza ukuthi ziqhubeke kahle nobugebengu bazo, zazi ukuthi azikafunwa.
Uthe basola ukuthi umshana wakhe uphunyulile kwabebemthumbile noma bese befikile lapho kade beya khona, kanti uzokwazi ukubaleka.
UColonel Robert Netshiunda, okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uthe kuzo zombili izigameko zokulahleka kwabesifazane akukaboshwa muntu, wathi ngeke bazi noma ziyenyuka yini izigameko zokulahleka kwabo esifundazweni, njengoba lokhu kuvezwa izibalo ezikhishwa njalo ezinyangeni ezintathu.
UNksz Nokwanda Gambushe weSonke Gender Justice, KwaZulu-Natal, uthe zibukeka zanda izigameko zokuthunjwa kwabantu besifazane, abanye babo batholwa bebulelwe.
"Cishe zonke izinsuku kuWhatsApp sibikelwa ngezingane zamantombazane adukile kwesinye isikhathi abanukubeziwe. Abanye ababe besatholakala," kusho uNksz Gambushe.
Izibalo ze-Statistics SA ezikhishwe ngoMashi kulo nyaka, ziveza ukuthi iNingizimu Afrika ilele isikhombisa ngokuba nabantu abaningi abathunjiwe emhlabeni.
Ngokwalezi zibalo bangaphezu kuka-16 000 abantu abathunjwayo kuleli njalo ngonyaka, kubo u-85% ngabesifazane nezingane.
Ngokusho kukaNkk Bianca Van Aswegen we-Missing Children SA kwi-website yale nhlangano, uthi zingu-77% izingane ezitholakalayo uma zilahlekile, u-23% awutholakali, wathi ulwazi abaluthola emaphoyiseni luveza ukuthi njalo emizuzwini emihlanu kulahleka ingane kuleli.