KUNINGI osekwenziwe ukuzama ukuthuthukisa nokwenza ngcono impilo nokusebenza kwamakhosi nezinduna kodwa isikhalo sisalokhu sikhona. Uhulumeni uyenzile imizamo yokuthi ubuholi bendabuko bungavalelwa ngaphandle ekubuseni izwe. Kukhona ngisho iNdlu yobuHoli boMdabu kuzwelonke enabaholi bayo nazo zonke izinhlaka.
Uma kunomcimbi wokuvulwa kwayo, kuba khona ngisho umengameli wezwe athule inkulumo.
Ezifundazweni kunezindlu zobuholi bomdabu nazo zinobuholi bazo futhi uma zivulwa kusuke kukhona iSilo sethule inkulumo, kuboniswane ngokufanele kwenzeke.
Kuhambe kwahamba kwaba nesinqumo sokuthi amakhosi, izinduna nomabhalane babo bahole ngoba kuyabonakala ukuthi benza umsebenzi obalulekile ezweni.
Amakhosi nezinduna bakhelwa izinkantolo zabo lapho besebenza khona, bahlukana nokusebenza ngaphansi kwezihlahla.
Amakhosi nezinduna banikwa indawo yabo komasipala, bavunyelwe ukuthamela imihlangano yemikhandlu lapho okuthathwa khona izinqumo ezithinta abantu babo. Kukhona ngisho uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu kuzwelonke nasezifundazweni.
Phezu kwakho konke lokhu isikhalo silokhu siqhamuka ngokuthi kuningi okusafanele kulungiswe.
Obengundunankulu kaZulu ongasekho, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, yayinaso isikhalo ilwela amakhosi ukuthi awangabi yizichuse ngaphansi kwalo hulumeni ophethe. UShenge wayekhala ngokuthi amakhosi ayavunyelwa ukuthamela imihlangano yomasipala kodwa awanalo izwi khona.
UShenge wayekhala ngokuthi kufanele amakhosi akwazi ukubeka uvo lwawo abe yingxenye yokuphatha nokuthatha izinqumo.
UNdunankulu kaZulu omusha uMfundisi uThulasizwe Buthelezi, kade ebize isithangami sabezindaba ngasekuqaleni kwesonto nalapho kuvele khona udaba lwamakhosi. UNdunankulu kaZulu uveze ukuthi kunezinhlelo zokuthi amakhosi alekelelwe ukuze izwi lawo lizwakale kangcono.
UButhelezi uthe sekufanele ibhekisiswe kabanzi indaba yokuthi izwe elingaphansi kwamakhosi lilawulwe wuhulumeni. UButhelezi uthe yingakho sebethathe isinqumo sokuthi bacije amakhosi ukuze alungele ukuziphatha ngokugcwele.
UButhelezi uthe iSilo sesingene esivumelwaneni nesikhungo iNational School of Government, ukuze kuqeqeshwe amakhosi angu-200.
“Amakhosi kufanele aqeqeshwe, ukuze akwazi ukuba sekhaleni lokusebenza udaba lomnotho. Kufanele akwazi ukudlulisa amakhono ukuze kuthuthuke umphakathi wasemakhaya nomnotho wawo.
Kufanele abambe iqhaza ekudaleni amathuba emisebenzi nomnotho,’’ kusho uButhelezi.
Kamuva nje kunesikhalo ngodaba lokusocongwa kwamakhosi nezinduna okudla lubi. Nakhona lapho amakhosi akhala ngokuthi uhulumeni akenzi okwenele ukubhekana nalolu daba.
UNdunankulu kaZulu uthe banethemba lokuthi uhulumeni uzolusukumela lolu daba, athathe izinyathelo ezibonakalayo zokuvikela amakhosi. Uthe uma izimeya nezinye izikhulu zikahulumeni zigadwa, pho amakhosi wona kungani ayekelelwe adlale izigebengu.
Cishe kuyadingeka ukuthi kubhekwe kabanzi ukuthi ngabe amakhosi akhala kufanele noma emva kwezinto eziningi ezenzekile noma vele ukukhala kuyohlala kukhona.