Iyabalisa inhlangano yamakhosi iContralesa ngokuvalelwa ngaphandle ezingxoxweni ebezikhona zamaqembu ezepolitiki mayelana nokubunjwa kukahulumeni wobumbano.
ICongress of Traditional Leaders of South Africa (Contralesa) ithi iyadumala uma abamaqembu ezepolitiki bengasakufezekisi ebekade bekuthembise amakhosi ngaphambi kokhetho.
Umengameli weContralesa, iNkosi Larmeck Mokoena, uthe ngaphambi kokhetho wonke amaqembu ezepolitiki aya emhlabeni owengamelwe amakhosi afike enza izethembiso.
Ezinye zalezo zethembiso uMokoena, uthe kwakuwukuthi amakhosi azofakwa ezingxoxweni zokwakhiwa kukahulumeni wobumbano.
“Wonke la maqembu aya emakhosini nakondlunkulu abazisa ukuthi ayakhankasa emhlabeni wabo, awangathuki uma bezwa umsindo. Aze azibophezela athi uma sekudlule ukhetho azobuya axoxe nathi siweluleke ukuthi kumele wakhiwe kanjani uhulumeni wobumbano,” kuchaza inkosi.
Iqhuba inkosi ithe ukhetho lufike lwadlula kodwa sekucwebe iziziba manje, akukho namunye oza kubona bengamakhosi.
Ngempelasonto, i-ANC imemezele ukuthi seluphothuliwe ihlandla lokuqala lezingxoxo zokwakhiwa kukahulumeni wobumbano.
Angu-10 amaqembu ezepolitiki anezihlalo ePhalamende azibophezele ukuba yingxenye yokwakhiwa kukahulumeni wobumbano oholwa yi-ANC.
“Lawa maqembu asexoxa wodwa manje futhi aklama nendlela yokuthi zizokwabiwa kanjani izihlalo ePhalamende nakwiKhabhinethi,” kubalisa uMokoena.
Uzwakalise ukukhathazeka kwakhe ngokuthi amanye alawa maqembu asezingxoxweni awayifuni noma ayibone indaba yamakhosi nokubusa kwawo.
“Sesizophathwa abantu abangasifuni manje? Asizohlala phansi sisonge izandla sibukele izinto zenzeka phambi kwethu sibhekile,” kusho inkosi.
Ukhulume nanokuthi akwenele ukuba khona komnyango kahulumeni okhona njengamanje obhekele izindaba zoMdabu,.
Ube esenxenxa uMengameli Cyril Ramaphosa wathi kumele ayifakele izibuko eyokuqoka ilungu leContralesa ukuthi libe ungqongqoshe kwiKhabhinethi yakhe.
URamaphosa kulindeleke ukuthi ayimemezele noma inini ikhabhinethi yakhe.