NKOSIKHONA CELE
AKHUTHAZA ezemidlalo kubantu abasha amabandla amabili aseZayoni iGalathiya neSibusiso Ibandla Lenkosi.
IGaliya liholwa nguMbhishobhi J Dludlu ebese kuthi Isibusiso Ibandla Lenkosi liholwe nguMbhishobhi Phumlani Dlamini.
Laba baholi basho ngazwi linye kwelokuthi kumqoka kangakanani ukuba abantu abasha bazihlanganise nezemidlalo.
Bakholwa ukuthi abantu abasha bangakwazi nokuphilisa imindeni yabo uma bengagxila kwezemidlalo.
Bathi yingakho behlele usuku lwezemidlalo phakathi kwalawa mabandla womabili oluzobe lungoSepthemba 28 e-Ermelo eMpumalanga kulo nyaka.
UDlamini uthi amabandla angaklama indima enkulu kakhulu ekuvezeni amakhono abantu abasha.
"Sikholwa ukuthi amabandla nawo angakwazi ukukhuthaza abantu abasha ngezemidlalo," usho kanje.
Eqhuba uDlamini uthe sesiphelile isikhathi sokuthi amabandla ashalazele ezemidlalo, agqolozele ibhayibheli kuephela.
"Iqiniso ukuthi ezemidlalo zinemali eningi futhi zinobuhle obuningi eziza nabo kumuntu ngamunye nasemphakathini jikelele. Yingakho kumele abantu abasha bakhuthazwe ngazo," echaza.
Lawa mabandla athe azobe egxile ebholeni lomnqakiswano nebhola lezinyawo.