KUPHUNYUZWE emsebenzini izikhulu eziphezulu eMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal ezisolwa ngenkohlakalo.
Izikhulu ezinhlanu zimiselwe ukungaphathi ngendlela imali yomnyango. Amacala azo asukela endleleni umnyango owasebenzisa ngayo imali ngesikhathi kubhekwe okhethweni lwangoMeyi.
Uhulumeni waKwaZulu-Natal wawuphethwe yi-ANC ngokuzimela ngaphambi kokhetho, njengoba manje usuphethwe ngokubambisana amaqembu ahlukene.
UButhelezi yena uyilungu le-IFP, eyingxenye yamaqembu aphethe ngokubambisana.
Ngokusho komnyango, kulezi zikhulu ezinhlanu ezimisiwe kukhona nesikhulu sezezimali nabaqondisi ababili okukhona kubo obhekelele uphiko olukhipha amathenda.
UMphathiswa woMnyango, uMfu Thulasizwe Buthelezi, ukushayele ihlombe ukumiswa kwalezi zikhulu.
“Ukumiswa kwazo kuthumela umyalezo oshubile futhi kubuyisa isiko lokuphatha imali yomnyango ngendlela nelikuqinisekisa ukuthi bathathelwa izinyathelo labo abephula imithetho.”
UButhelezi ungene kulo mnyango emva kokhetho lwangoMeyi.
Uke wakuveza ngaphambilini ukuthi kuningi okushayisa amakhala akufice emnyangweni.
Ngesikhathi uButhelezi ejikijelana ngamazwi noNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Mtolo, waveza ukuthi kunophenyo aseluqalile emnyangweni.
UButhelezi wathi yiningi imali yomnyango eyasetshenziswa ngendlela engaqondakali ngesikhathi kubhekwe okhethweni.
Waveza ukuthi uphenyo oluqhutshwa umnyango lungase luholele ekutheni kube khona abantu ababoshelwa amacala enkohlakalo.
Ngaphandle kokuphenya izinsolo zenkohlakalo, uButhelezi ufike kulo mnyango waguqula izinqumo ezathathwa engakafiki.
Ngesikhathi efika emnyangweni, uButhelezi washintsha abalawuli abajutshwe wumnyango komasipala okubalwa kubo owesifunda uThukela, uMkhanyakude nowaseNkosi Mtubatuba.
UButhelezi waphinde wethula ngokusemthethweni ithimba longoti eliyolekelela kuMasipala waseThekwini.
Leli thimba okukhona kulo owayeyimenenja yomkhandlu, uMnuz Mike Sutcliffe, nowayengumqondisi jikelele eHhovisi likaMengameli, uDkt Cassius Lubisi, lamenyezelwa ngonyaka owedlule, kodwa kwaze kwashaya ukhetho lingethuliwe emkhandlwini.
Kwakunezinsolo zokuthi amakhansela e-ANC awavumelani nesinqumo sokujutshwa kwaleli thimba.
Kumiswa izikhulu zalo mnyango nje, noMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda esifundazweni nawo usanda kumisa izikhulu eziphezulu.
Lo mnyango oholwa uMnuz Martin Meyer, oyilungu leDA, usanda kumisa izikhulu ezine ezisolwa ngenkohlakalo.
Kuzona kukhona inhloko yomnyango, isikhulu sezezimali, nomqondisi ophikweni olukhipha amathenda.