Induna yamabutho esondelene neSilo uMisuzulu kaZwelithini inxusa amabhungu asakhula ukuba avikele izaguga kubadlwenguli.
UMnuz Muzi Nyandeni onguNobhala weziNduna zamabutho esifundeni iZululand, uthe kuwumsebenzi wamabutho ukuvikela izaguga nabesifazane.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma emcimbini wokudodisa amabhungu asakhula obuKwaNongoma, ngempelasonto.
Lo mcimbi, oyingxenye yokugubha inyanga yamadoda, ubuhanjelwe abantu abangaphezu kuka-500.
UNyandeni uthe izinsizwa akufanele zivumele abadlwenguli ukuthi bachanase ezweni lamakhosi.
“Kufanele nazi ukuthi lokhu angeke kwenzeke esigodini sakithi sikhona, sizosivikela isigodi sakithi. Asikuncomi ke ukuthi nihlale nihlale nixakazisa imikhonto, singakutholi ukuphumula. Kodwa esikushoyo ukuthi kuwumsebenzi wenu ukuvikela wonke umuntu esigodini sangakini.
“Akekho ugogo okuzothiwa udlwenguliwe esigodini nikhona. Ayikho ingane yentombazane okuzothiwa idlwenguliwe esigodini nikhona. Umsebenzi wenu ukuvikela isigodi sangakini njengoba kuwumsebenzi wezinsizwa zonke ukuvikela isifunda senkosi ezikhonze, noma oyise nonina abakhonze ngaphansi kwayo."
UNyandeni uthe izinsizwa kufanele zilwe nabo bonke ubugebengu ezigodini ezihlala kuzo.
"Akufanele kube nomkhulu okuzothiwa ungenelwe abantu, bamphuca imali yempesheni."
Omunye wabahleli bomcimbi, uNksz Mningi Zuma, uthe babona imicimbi yokudodisa amabhungu yenza umehluko.
Le micimbi yaqalwa emva kwezigameko zokudlwengulwa kwezintombi zomhlanga.
Inhlangano engenzi nzuzo, i-Ubuhle leZolo Lethu Youth Development, iba nemicimbi yanyanga zonke, bese kuba nomcimbi omkhulu wonyaka.
Le micimbi yaqala ngonyaka owedlule, owokuqala wawusenqabeni yeNgonyama, KwaCeza.
“Yehlile imibiko yokudlwengulwa kwezingane ebesiyithola ngaphambilini. Le mibiko besiyithola cishe nyanga zonke.”
UMntwana uBhekizizwe Zeblon Zulu ufundise abebehambele umcimbi amahubo nezaga.
Kuphinde kwaba nezikhulumi ebeziqhamuka eMnyangweni wezeMfundo eziqhakambise imfundo.
Amabhungu angene kulo mcimbi ngoLwesihlanu ebusuku, aphuma ngoMgqibelo ekuseni.
Abe eseba nemashi edolobheni KwaNongoma.