UZONQAMUKA nangempelasonto ugesi njengoba umkhumbi othwele udizili ukwaze ukupaka echwebeni iMossel Bay izolo lapho uqale ukuthulula udizili ezinqolobaneni zePetroSA.
Ngokusho kukaMnuz Sikhonathi Mantshantsha okhulumela i-Eskom, ukufika kukadizili kuzobasiza ukuthi behlise isigaba sokunqamuka kukagesi sisuka kwesesine namuhla siye kwesesithathu kusasa.
Uthe bazokwazi ukuhambisa udizili eGourikwa nase-Ankerlig lapho bebenenkinga yokushodelwa khona.
Uthe bazobuye baqinisekise ukuthi amadamu abo agcwele ukuze imishini ephehla ugesi izosebenza kahle.
Balindele nokuthi kulunge umshini obufile esiteshini esiphehla ugesi iCamden ngempelasonto okuzosiza ukunyusa ugesi ozoba khona emishinini yabo.
“Kuzothatha izinsuku eziwu-10 ukubuyisela isimo kwesijwayelekile. Kungenxa yalesi sizathu sizoqhubeka nokunqamula ugesi ngokwesigaba sesine nesesithathu kuze kube wuMsombuluko. Sizowazisa umphakathi ngeSonto uma kukhona ushintsho olukhulu olwenzekayo,” kusho uMantshantsha.
Uthe baye baphoqeleka ukucisha imishini eyisishiyagalombili eCamden ngenxa yokuthi kungene amanzi angafanele ngesikhathi kuvulwa ivalve engafanele.
Kubuye kwacishwa umshini owodwa eKriel obekumele ulungiswe.
UMantshantsha uthe njengamanje ugesi ongekho ngenxa yokucishwa kwemishini efanele ilungiswe ngokuhleliwe uwu-5 206MW kanti ongekho ngenxa yemishini efe bengalindele uwu-15 862MW.
Uxolisile kubantu baseNingizimu Afrika ngeziqubu zokunqamuka kukagesi, wabakhumbuza ukuthi benza lokhu ngoba bephoqwa yisimo.