UNGOTI wezamandla, uMnuz Chris Yelland, uthi akumangazi ukutshalwa kwamasosha eziteshini ze-Eskom.
UYelland uthe bekulindelekile ukuthi kutshalwe amasosha eziteshini ze-Eskom kulandela ukuphazanyiswa kokusebenza kwazo okuholele ekucishweni kukagesi ngenhloso yokuwonga.
Muva nje, i-Eskom isanda kubika izigameko eziningi zokuphazanyiswa kokusebenza kweziteshi zayo.
UYelland uthe ukuphazanyiswa kokusebenza kweziteshi ze-Eskom kuholele ekutheni le nhlangano igcine isisebenzisa imali eningi ukuqasha onogada abazimele ukuthi baqaphe iziteshi zayo.
Uthe yize i-Eskom ibisebenzisa imali eningi ukuqasha onogada abazimele, imiphumela ibingabonakali.
“Kunokukhathazeka kokuthi izinkinga eziningi ezibhekene ne-Eskom zidalwa izenzo zobugebengu. Iningi ingcindezi yokuthi kuqiniswe ezokuphepha e-Eskom. Ingakho bekubalulekile ukuthi uhulumeni athathe lezi zinyathelo.”
UYelland uthe kusazothatha isikhathi ukuthi kuqedwe izinkinga ezibhekene ne-Eskom.
Ngokwesitatimende, amasosha azoqapha iziteshi ze-Eskom ezibhekene nezinkinga iMajuba, Camden, Grootvlei neTutuka.
Okhulumela iHhovisi likaMengameli, uMnuz Vincent Magwenya, uthe kuzotshalwa amasosha ayishumi kuya phezulu esiteshini ngasisodwa.
UMagwenya uthe sizolokhu sandiswa isibalo samasosha atshalwa eziteshini ze-Eskom.
“Inhloso yokutshalwa kwamasosha ukuyoqinisa ezokuphepha eziteshini ze-Eskom kulandela ukwanda kwezigameko zokuntshontsha, ukucekelwa phansi kwempahla nenkohlakalo.”
Ukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga sekuphenduke insakavukela kulezi zinsuku.
Ngesonto eledlule, izwe belingaphansi kwesigaba sesithupha sokucishwa kukagesi.
Izolo, i-Eskom imemezele ukuthi namhlanje izwe lizokwehliselwa ngaphansi kwesigaba sesihlanu.
Esitatimendeni, i-Eskom ithe kusasa izwe lizokwehliselwa ngaphansi kwesigaba sesine kuze kuyophela isonto.
Izinkinga ezibhekene ne-Eskom ziholele ekushiyeni kwesikhulu esiphezulu kule nhlangano, uMnuz André de Ruyter, owesule ngeledlule.
Ukwesula kwakhe kwamukelwe ngabantu abaningi njengoba bekunenkolelo yokuthi uyehluleka ukuhola lenhlangano.
Kwenyuke kakhulu ukucishwa kukagesi ngesikhathi kuphethe yena e-Eskom.