AMAKHOLWA azoya ezinkonzweni awaqiniseke ukuthi izimoto aziqashile zisesimeni sokuba semgwaqweni.
IFP ithe sekujwayekile ukuthi amakholwa abandakanyeke ezingozini zezimoto asuke eziqashile ukuthi ziwahambise ezinkonzweni zePhasika ngenxa yokuthi zisuke zingekho esimeni esifanele sokuba semgwaqeni.
Usoswebhu we-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnuz Blessed Gwala, uthe: "Ngalesi sikhathi kulahleka imiphefumulo eminingi. Siyacela amakholwa ukuthi enze isiqiniseko sokuthi amatekisi, amabhasi noma izimoto ezincane aziqashile zihloliwe, kwatholakala ukuthi zisesimeni esikahle sokuba semgwaqeni ukuze kugwemeke izingozi ezingenasidingo,"
Uqhube wathi abashayeli bezimoto abahamba amabanga amade kumele baphumule uma bezizwa ukuthi bakhathele.
"Umshayeli owezelayo kunamathuba amaningi okuthi adale ingozi engaholela ekutheni kufe abantu abaningi. Okunye esikucelayo ukuthi amaphoyisa enze isiqiniseko sokuthi enza izivimbamgwaqo ngazo zonke izinsuku zamaholidi ePhasika. Abephula imithetho yomgwaqo baboshwe. Ukuphepha emgwaqeni akukhona ukubhalwa kahle kwezimpawu nezinye izinto ezikhombisa abashayeli ukuthi kunobungozi kuphela kodwa kumele senze isiqiniseko sokuthi abashayeli bazijwayeza indlela yokuziphatha eyiyo ukuze kugwemeke izingozi nokufa kwabantu singekho isidingo,“ kusho uGwala.