UNGQONGQOSHE wezaseKhaya, uDkt Aaron Motsoaledi, uthi akubathusi ukuthi uDkt Nandipha Magudumana usefake amaphepha asheshayo eNkantolo eNkulu yaseBloemfontein mayelana nodaba lokubuyiswa kwakhe eTanzania.
UDkt Motsoaledi ukusho lokhu izolo, ngesikhathi enesithangami nabezindaba ukuzoveza okwakamumva okuthinta umnyango wakhe kolukaThabo Bester, wathi bathole kwabezindaba ukuthi uDkt Magudumana ufake amaphepha enkantolo.
UMagudumane obhekene necala lokusiza isiboshwa uThabo Bester ukweqa ejele, waboshwa naye uBester eTanzania ngeyedlule, ufuna inkantolo ikuthathe njengento engekho ukuboshwa kwakhe. Uthi ukuboshwa kwakhe kwakungekho emthethweni futhi akulandelwanga imithetho ngesikhathi eboshwa.
UMotsoaledi uthe baba yingxenye yokubuyiswa kuka-Magudumane kuleli ngokubambisana nezinhlaka ezahlukene futhi abazisoli ngalokho ngoba wayesezweni lase-Tanzania ngokungemthetho.
“Amaphepha asenkantolo awafakile sigcine siwathola ngeSonto ntambama. Umqondisi jikelele womnyango kummangazile ukuthi asibhaliwe njengabamangalelwa kula maphepha ekubeni kuyithi siwumnyango esasisekhaleni lokumlanda ngokusemthethweni ezweni ayekulo ngokungemthetho,” kusho yena.
Uthe lokhu kumangaza kakhulu ngoba kuke kwaba khona ukuxhumana phakathi komnyango wakhe nabameli bakaDkt Magudumana ngesonto eledlule kodwa abangayiveza eyokuthi bahlela ukuluyisa enkantolo olokubuyiswa kwakhe kuleli.
Uveze ukuthi emva kokuthola amaphepha ngeSonto, bababhalele abameli bakaDkt Magudumana bebatshela ukuthi bakuhoxise ukufakwa kwamaphepha okusheshayo enkantolo.
“Yingoba akukho okungekho emthethweni mayelana nokubuyiswa kwakhe kuleli. Abameluleke ngokuthi ubuyiswe kuleli ngokungemthetho badlale ngaye ngoba lokho akulona iqiniso. Yena noBester kwatholakala ukuthi bakuleliya lizwe ngokungemthetho. Emva kwalokho, kwafanele ukuthi kuqale izinhlelo zokuthi babuyiswe ezweni labo,” kusho uDkt Motsoaledi.
Uveze ukuthi uma abameli bakaDkt Magudumana bengasihoxisi isicelo sokulalelwa kodaba lwakhe eNkantolo eNkulu yaseBloemfontein, bazobe bekhona enkantolo ngoLwesine, uma sesilalelwa isicelo sakhe bengumnyango.
UDkt Motsoaledi ubuye waveza nokuthi sebethole izeluleko zomthetho zokuthi bakumise ukusebenza kwe-passport kaDkt Magudumana owayinikwa wumnyango ngoFebhuwari, 2017.
“Umqondisi jikelele emnyangweni wethu uzothatha izinyathelo ezifanele ezihambisana nemithetho yokusebenza kwama-passport kanjalo nokuhambela kwamanye amazwe,” kusho uDkt Motsoaledi.
Ukhumbuze abantu ukuthi i-passport akhuluma ngayo enye yamathathu atholakala kuye uDkt Magudumana eTanzania, ngesikhathi amabili kuvela ukuthi ngawomunye udokotela asondelene naye.
“I-passport yakhe esikhuluma ngayo ile ezophelelwa yisikhathi ngo-2027, yiyo esihlela ukumisa kusebenza kwayo ngoba akasakufanele ukuba nayo,” kuchaza uDkt Motsoaledi.