AKEKHO usopolitiki ophenywa ngamaphoyisa ngezinolo zenkohlakalo okuthiwa yenzeka kwa-Eskom.
Lokhu kudalulwe izolo wubuholi obuphezulu bamaphoyisa obebuvele ngaphambi kweStanding Committee on Public Accounts (Scopa).
Lokhu kuvele ngemva kokuthi amalungu ePhalamende kade ebavalele ekhoneni, ebuza ukuthi benzani ngemva kwezinsolo ezenziwa yilowo owayeyisikhulu esiphezulu se-Eskom, uMnuz Andre de Ruyter.
UDe Ruyter wadalula esiteshini sethelevishini ngoFebhuwari ukuthi kukhona usopolitiki ababandakanyekayo enkohlalweni eyenzeka enkampanini ephehla ugesi.
Amalungu ePhalamende abuze uMkhuzi wamaphoyisa kuzwelonke, uFannie Masemola, ukuthi bakhona yini osopolitiki abaphenywayo?
“Akekho usopolitiki engaziyo ukuthi uyaphenywa ngalolu daba kodwa ngizodedela uGeneral Lebeya ukuthi aphendule ngoba mina ngokolwazi lwami akekho ophenywayo,” kuphendula uMasemola.
Ugcizelele ukuthi kuyo yonke imihlangano abe nayo noDe Ruyter akukho lapho ake waveza khona izinsolo zenkohlakalo ezenzeka e-Eskom.
OyiNhloko yoKlebe, uMnuz Godfrey Lebeya ulandulile, wathi mayelana nophenyo oluthinta osopolitiki ngezinsolo zenkohlakalo kwa-Eskom, akekho sophenywayo.
Isikhulu seSIU, uMnuz Andy Mothibi, sithe bafuna izimpendulo mayelana nokusetshenziswa kobufakazi ngophenyo oluzimele lukaDe Ruyter, olumayelana nezinsolo zenkohlakalo kwa-Eskom.
Uveze ukuthi kwabashaqisa ukuthi uDe Ruyter uthathe lesi sinqumo.
“Kwakumele asazise uma kukhona ubugebengu obenzeka kwa-Eskom afuna sibuphenye. Sasingeke sinqabe,” kusho uMothibi.