UZIMISELE ngokukhipha ikhono lokugcina owesifazane osanda kuthola ithuba lokusakaza esiteshini somphakathi, Umoya FM.
UNunu Luthuli (42) osakaza uhlelo lwasekuseni kulo msakazo, uthe akazange avumele ukukhubazeka kuvimbe iphupho lakhe njengoba isiphakamiso asenza nomphathi we-Umoya FM samvulela ithuba lokungena kulesi siteshi.
Uthe ukuhlaselwa wuvendle eneminyaka engu-10 akuzange kumnqande ekufezeni amaphupho akhe.
“Ngakhula ngiyingane ejwayelekile ngase ngihlaselwa wuvendle, odokotela bathola ukuthi amanye amalungu omzimba ngeke esakwazi ukusebenza nokuyilapho engaqala khona ukuhamba ngesihlalo esinamasondo.
“Kwakunzima kakhulu ukuzenzela izinto ngoba ngakhula ngizenyeza ngenziwa yindlela umphakathi owawungiphethe ngayo nowawukhombisa ukungicwasa ngoba ngiphila nokukhubazeka,” kuchaza yena.
Uthe ujoyine Umoya FM ngoSepthemba nonyaka njengoba esesakaza uhlelo lwasekuseni oluthi #Siyababhaza olungena ngo-9 kuya ku-11 ekuseni.
U-Nunu waseMontclair okhulele eCato-Ridge KwaZulu-Natal, uthe ngenkathi eqeda u-matric wenza izifundo ze-public management eNyuvesi yaseMangosuthu eMlaza, kwaqale kwaba nzima ukungena ngenxa yesimo sakhe.
“Ngahlala ekhaya isikhashana emva kokuthi isicelo sami sokuyofunda eMangosuthu University of Technology singaphumelelanga ngoba ngazama kwaze kwaba yikabili, lokhu kwaqeda ukuzethemba kimina kodwa ngavuka ngazithintitha,” kuchaza yena.
Uthe emva kokuphothula izifundo zakhe wathola umsebenzi wokuba ngumhloli ngaphakathi kwaSARS lapho esasebenza khona namanje.
Uthe yize esebenza ubeqhubeka ezama ukungena emkhakheni wokusakaza kodwa kungalungi.
“Ngangilokhu ngizama eziteshini zomphakathi kungalungi kodwa angizange ngililahle ithemba.
“Ngiyabona ukuthi izindawo eziningi ziyanqena ukukuqasha uma uphila nokukhubazeka ngoba babona ukuthi uzodala izindleko enkampanini yabo,” kuchaza yena.
Uthe ukusebenzisana noLinda Sibiya bethula izinkulumo ezikhuthazayo kwamsiza kakhulu ngoba kwamvulela eminye iminyango kwaphinde kwenza ukuthi afunde ukuzikhulumela, waze wathola nendondo.
Uthe ulijabulele kakhulu ithuba lokusakaza futhi uzolibamba ngezandla zombili ukuze adlulele phambili aphinde abe ngumsakazi oqavile.
Uqhube wathi isifiso sakhe esikhulu ngukubona wonke umuntu enikezwa amathuba afanayo kungabhekwa isimo somuntu.