ABHALELE ikhomishini eyengamele ukhetho i-Independent Electoral Commission (IEC), amaqembu ezepolitiki asePhalamende nangamelelekile ePhalamende akhala nge-time-table yezokhetho.
Okukhalisa kakhulu lawa maqembu okubalwa i-African Transformation Movement (ATM), Build One South Africa (Bosa), United Democratic Movement (UDM), Umkhonto weSizwe (MK Party), namanye wukulethwa kwezinto ezithinta ama-signature, kanjalo nabantu azofolosa ngabo njengoba umnqamulajuqu ungoLwesihlanu oluzayo, uMashi 8.
Umholi we-ATM, uMnuz Vuyo Zungula, uthe bazwelana namanye amaqembu yingakho bekhalaza nabo kwi-IEC.
Uthe sebelungise yonke into ethinta imali yokungenela ukhetho kanjalo nohlu lwabantu abazofolosa ngabo okhethweni.
“Ngeke sithule sibuke nje amanye amaqembu ekhala ngento nathi esikhala ngayo noma kuthiwa sesimi ngomumo ngokhetho. Sifuna kululwe isikhathi ngoba lusekude usuku lokhetho okunguMeyi 29,” kusho uZungula.
Uthe amanye awekho ePhalamende, wathi amanye akhalayo okubalwa nabo bamelelekile ePhalamende.
Isikhulu esiphezulu se-IEC, uMnuz Sy Mamabolo, siveze ukuthi bazimisele ukuhlangana namaqembu ehlukene.
Ekhuluma nesiteshi sezindaba sethelevishini, uthe kudingeka basheshise izinto kulolu khetho ngoba luzobe lungafani nokhetho olwedlule.
“Sidinga isikhathi njengoba ezoba mathathu amaphepha okuvota kulolu khetho. Ukufakwa kwabangenela ukhetho ngokuzimela kushintshe izinto, kudingeka sisheshise ukuze sithi sigaya amaphepha okuvota yonke into ibi isimi ngomumo,” kusho uMamabolo.
UMamabolo uthe wonke amaqembu kulindeleke ukuthi alethe uhlu lwabantu nemali yokhetho ngo-5 ntambama ngoMashi 8, 2024.
Le khomishini iveze ukuthi azishintshi izinsuku ezishicilelwe kwi-time-table ngoba bekuvele kulindelwe ukuthi ukhetho luyeza.
Ngo-2016, iNFP yahluleka ukungenela ukhetho lukazwelonke emuva kokuhluleka ukuhlangabezana nomnqamulajuqu wokulethwa kwemali yokungenela ukhetho.
Khonamanjalo: UMnuz Paul Mashatile oyiPhini likaMengameli wezwe, linxuse abaholi bamaqembu ezepolitiki ukuthi bakhankase ngendlela efanele, bangakhulumi izinto ezizovusa uhlevane.
UMashatile obekhuluma izolo, eGoli, ngesikhathi i-IEC nezinye izinhlaka zezokhetho e-Afrika, zibambe umhlangano ngokusetshenziswa kwezinkundla zokuxhumana okhethweni, uthe kubalulekile ukuthi kube nemigomo ezolawula izinkundla zokuxhumana okhethweni.
“Sizoqhubeka nokuqikelela ukuthi ukhetho kuba ngolukhululekile nolunokuthula. Singakhankasa ngaphandle kokuthi sehlise isithunzi samanye amaqembu.”