ABEZWA mshini abantu abathwala izizumbulu zemali ngoplastiki bayozifaka ebhizinisini okukholakala ukuthi yibhanoyi elikuKeate Street eMnambithi.
Okuheha abantu ngaleli bhizinisi elibizwa, ngeBitcoin Wallet, wukuthi libabuyisela imali yabo isiphindwe kabili ngemuva kwezinsuku ezingu-15.
Ngesikhathi Isolezwe ngeSonto livakashele kuleya ndawo, bekunolayini omude ngendlela exakile, abantu abangaphezu kuka-200 beshaye ujenga. Bonke bebelengise izikhwama kucacile ukuthi baphethe imali abazoyifaka. Kubantu lisematheni igama lomnikazi waleli bhizinisi uMnuz Siphelele “Sgumza” Mbatha osebizwa ngo'Nkulunkulu’ waseMnambithi ngenxa yaleli bhizinisi. Ngemuva kokubuza ukuthi ugcina kubani ulayini, kwabebeklele kuwona, intatheli iphendulwe ngokuthi ulayini ewubonayo ngowosuku lwangakusasa.
“Sizolala kulayini sesilungisela usuku lwakusasa. Abebekule ndawo izolo yibona abafaka imali yabo namhlanje,” kuphendula onqabile negama lakhe.
“Ngaqala ngafaka uR1 000 ezinyangeni ezimbili ezidlule ngemuva kokuyalelwa umngani wami.
"Nganginovalo kodwa ngemuva kwezinsuku eziwu-15 ngathola R2 000. Njengoba ungibona ngiyofaka enye ethe xaxa. Simlethelwe uNkulunkulu uSgumza,” kusho owesifazane ongathandanga negama lakhe.
Osondelene nezikhulu zale nkampani uthe ngesonto bangaphezulu kwenkulungwane abantu abafaka imali yabo.
“Sikhuluma ngabantu abafaka imali esuka kuR1 000 abanye bafike nengaphezu kukaR2 million izofakwa la. Abanye basula emsebenzini bathathe imali abayitholayo bayifake kwiBitcoin Wallet futhi iyabuya isiphindwe kabili. Abantu bayazi ukuthi leli bhanoyi lizowa kodwa akekho owaziyo ukuthi lophahlazeka nini,” kusho umthombo.
Umlisa ohlala emgwaqweni uthe selokhu kwaqala leli bhizinisi balala bebomvu yimali nsuku zonke.
“Ngiyawuhlanganisa uR300 kuya kuR400 ngosuku ngokumela abantu abasuke benqena ukulala kulayini.
"Selokhu kuqale leli bhizinisi ezinyangeni eziyisikhombisa ezedlule, baningi abantu okuvela ukuthi sebehlomule imali eshisiwe ngokuyitshala kulona ibuye isiphindwe”.
Abapotshozele leli phendandaba bathe kubantu abafaka imali kukhona amaphoyisa, izifundiswa, osomabhizinisi, abahlengikazi nabantu abajwayelekile.
Ukungena nje kulo mgwaqo ukhangwa olayini babantu abalinganiselwa ku-300.
Sekunezinkulumo zokuthi leli bhizinisi alikho emthethweni futhi liyaphambana nemigomo elawula ukuphathwa kwemali kuleli.
Kodwa okhulumela amaHawks, uCaptain Simphiwe Mhlongo, uthe akukho cala abaliphenyayo njengamanje, kuphela basezwe ngabezindaba ngaleli gidigidi.
“Sisathole imibuzo kwabezindaba kuphela akekho osabikile noma ovule icala ngokwenzeka eMnambithi. AmaHawks ngeke akwazi ukuvula icala wona uqobo,” kusho uCaptain Mhlongo.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaMbatha ngaphakathi ebhizinisi ayiphumelelanga. Onogada bale nkampani nabantu abebekolayini obheke emahhovisi, bale ukhasha basabisa nangokwenza mnyama intatheli ebifuna uSgumza. Ngesikhathi benyukelwa ushukela bexosha abezindaba, imoto okuvele ukuthi ekaMbatha esawolintshi, idlule kwaqhuma umkikizo namakhwela abanye bekhuleka bethi: “Nangu uNkulunkulu waseMnambithi."