IKHOMISHINI yezokhetho kuleli, i-Independent Electoral Commission (IEC), ithi amaqembu ezepolitiki avumelene ngomnqamulajuqu wezikhathi okumele zilandelwe ukuze kuhlelelwe ukhetho.
UMnuz Sy Mamabolo, isikhulu esiphezulu se-IEC, uthe bahlangene namaqembu ezepolitiki bawachazela nge-time table yokulungiselela ukhetho lwangoMeyi 29, 2024, lapho kuzovota abakuleli.
Kule time table kunomnqamulajuqu wokuthi amaqembu nabangenela ukhetho ngokuzimela, kumele balethe uhlu lwama-signature, nemali yokungenela ukhetho.
“Sivumelene sonke ngezinsuku ngoba uma sezize zaphuma, azibe zisashintsha. Ngakho wonke umuntu obeyingxenye yomhlangano wangoLwesihlanu odlule, uyazi kumele kuhlangatshezwane nalezi zinsuku.”
UMamabolo ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma esithangamini nabezindaba izolo eGauteng, ngemva kokushicilelwa kosuku lokhetho emqulwini kahulumeni.
UDkt Nomsa Masuku wekhomishini, uthe uma sezize zabekwa izinsuku azibe zisashintsha.
“Kufana nokuthi isitimela esihambayo esingami ndawo ngoba akukho okungenziwa uma izinsuku sezibekiwe ngoba sisuke silungiselela ukhetho. Asikwazi ukwenza ngenye indlela ngoba uhlelo lokulethwa kwama-signature alabo abazongenela ukhetho kade lavulwa,” kuchaza uDkt Masuku.
Phambilini iqembu iNFP, alizange lingenele ukhetho emuva kokuba lingahlangabezananga nomnqamulajuqu wokukhokha imali yokungenela ukhetho.
Lokhu kwasusa omkhulu umsindo kodwa iqembu lagcina lingakwazanga ukungenela ukhetho olwedlule.
UMamabolo udalule ukuthi usuvaliwe umqulu wezokhetho wathi bazothi uma sebephothule konke ngawo bese bememezela izibalo zabantu abasha, nabesifazane ababhalisele ukuvota.