ALAHLWE elakubo amaphoyisa ayisishiyagalolunye KwaZulu-Natal naseGauteng, ekhalelwa ngamasongo kaSigonyela ngamacala okugwazisa.
Okhulumela iRoad Traffic Management Corporation (RTMC), uMnuz Simon Zwane, uthe ukuboshwa kwabasolwa kwenzeke njengoba kuqhubeka izinhlelo zezokuphepha zamaholidi okuphela konyaka.
Uthe ababili babasolwa bangamaphoyisa oMkhandlu waseTshwane.
“Ukuboshwa kwabo kuze emva kokuba befune imali engu-R1 500 kumshayeli wetekisi. Kulesi sigameko umshayeli wetekisi uthinte iNational Traffic Anti-Corruption Unit (NTACU), abalusukumele phezulu udaba, amaphoyisa agcina ngokuboshwa,” kusho uZwane.
Uthe kwesinye isigameko esenzeke eNewcastle KwaZulu-Natal, ayisikhombisa amaphoyisa aboshiwe.
Uthe kuwona kukhona ayisihlanu eRoad Traffic Inspectorate (RTI) bese kuthi amabili kube ngakaMasipala waseNewcastle.
“Wona aboshwe ngesikhathi kuqhubeka umkhankaso weNTACU noKlebe kulandela ukuvela kwezikhalazo emalungwini omphakathi ngendlela yokuziphatha kwawo emgwaqweni,” kusho uZwane.
Uthe lezi zinhlaka zezokuphepha, ngokubambisana zenze umkhankaso ongumshoshaphansi, kwagcina kuboshwa amaphoyisa ayisikhombisa.
“Babekwe amacala okukhwabanisa nawenkohlakalo,” kusho uZwane.
Uthe bonke abasolwa bekulindeleke ukuthi bavele ezinkantolo ezehlukene izolo ngamacala enkohlakalo.
Uthe izigameko ezifuze lezi zikhombisa ukubola okungaphakathi ezinhlakeni zezokuphepha kanti iNTACU iyaqhubeka nokukukhuculula ukuze kubuye ukwethenjwa kwalezi zinhlaka.
Ugqugquzele amalungu omphakathi ukuthi aqhubeke nokubika uma ebona noma ehlangabezana nalolu hlobo lobugebengu ukuze amaphoyisa azibandakanya kubo aboshwe.
Uthe amalungu omphakathi angabathinta [email protected] nakuWhatsApp enombolweni ethi: 083 293 7989, ukubika ngalobu bugebengu.