UNOBHALA Jikelele we-EFF, uMnuz Marshall Dlamini, uthi nakuba ubuholi namanye amalungu abo evinjiwe ePhalamende kodwa iyolala ibonene namuhla, ngesikhathi uMengameli Cyril Ramaphosa esethula inkulumo.
UDlamini ukusho lokhu izolo ngesikhathi ekhuluma nabezindaba lapho ebezohlola inkundla iMoses Mabhida, eThekwini. Yilapho i-EFF izobe inomcimbi ngempelasonto. I-EFF kulindeleke ukuthi ngoMgqibelo yethule umhlahlandlela wezinhlelo zayo eThekwini.
Namuhla kulindeleke ukuthi uRamaphosa aqale ukukhuluma ngo-7 ebusuku lapho azochaza khona ngesimo sezwe. I-EFF idume ngokuyinyomfa uma umengameli ethula inkulumo ebhekise esizweni. Kuvame ukuthi kusuke udungunyane ngesinye isikhathi amalungu ayo akhishwe ngendluzula ngabezokuphepha.
UMengameli uRamaphosa uzokwethula inkulumo ebhekiswe esizweni nokungeyokugcina kulo hulumeni owawukhethwe ngo-2019. Abaholi be-EFF namanye amalungu alahlwa amacala okuphazamisa uRamaphosa ekhuluma ase egwetshwa ngokuthi awamukelekile ukuthi athamele inkulumo nonyaka.
IPhalamende lichibiyele imithetho evimba ukuthi kube khona okhulumayo uma umengameli eseqalile ukukhuluma ukuze angaphazanyiswa.
UDlamini uthe uyazi ukuthi amaqhinga nje okubavimba ngeke aphumelele ngoba bazoqhubeka nokufuna izimpendulo noma ngabe kunzima kanjani.
“Siyayazi i-ANC, yiyona ebihleli kuleya nkantolo yasehlathini, babe ngamajaji abashushisi, yonke into. Okwenzeka kwaba wusuku olwejwayelekile ePhalamende sasifuna ukuthi abasemandleni baphendule imibuzo yethu. Sizozifuna izimpendulo ngoba asithunywanga yi-ANC ePhalamende,’’ kuchaza uDlamini.
Uthe udaba lwachithwa enkantolo ngoba kunezinto ezincane ezashoda kodwa balubuyiselile futhi isinqumo sizophuma namuhla. Uthe bazokwenza konke okusemandleni ukufuna izimpendulo kwabasemandleni ngoba i-EFF imele abantu bakuleli.
Maqondana nomcimbi wangoMgqibelo eThekwini, uDlamini uthe konke kumi ngomumo balindele umcimbi oyimpumelelo. Uthe inkundla izogcwala ichichime futhi kuzobe kungamalungu abo aKwaZulu-Natal kuphela, hhayi ezinye izifundazwe.
“Uma kungase kuthiwe i-EFF iphelele yonke kuyodingeka izinkundla ezine ukuze kwenele. Namanje nje sinawo amalungiselelo okuthi uma kwenzeka kugcwala abanye bakwazi ukuhlala ngaphandle. Sihalela ngisho enye inkundla eseduze kweMoses Mabhida,’’ kusho uDlamini sakuqhosha.