BABOPHA uthishomkhulu, abazali bezingane ezifunda esikoleni samabanga aphansi, iQondokuhle Primary esiseMlaza okuthiwa bamvulele icala lokweba njengoba bemsola ngokubaphoqa ukuthi bakhokhe imali yesikole kungafanele.
Abazali abavuke banikela esiteshini samaphoyisa eMlaza emva kokuvala thaqa isikole, bathe uthishomkhulu ubakhokhisa u-R500 ngonyaka ingane ngayinye ngezingane zabo ezifunda u-Grade R, okuthe makhathaleni bathola ukuthi lokhu akuvumelekile kwazise isikole singaphansi kwezikole zikahulumeni okungakhokhwa kuzo. Kuthiwa umsolwa imali uyithatha esandleni.
Omunye wabazali okhulume neSolezwe (onxuse ukungadalulwa), uthe banohlu olunamagama abazali evile kwangu-30 okusolwa ukuthi baqolwe uthishomkhulu, kanti abanye sebevele bamvulele amacala.
“Ngesikhathi kufika umhloli simazisa ngalolu daba, ukuqinisekisile ukuthi ayikho imali okumele ngabe ikhokhwa abazali ngaphandle uma kuyisivumelwano sabo, isigungu esilawula isikole nothisha. Kodwa ngisho amalungu esigungu esilawula isikole abehambisana nathi ngoba akwaziwa nokuthi uthishomkhulu imali ayithatha kubazali uyifaka nini ebhange kwazise ikhokhwa ngesandla. Ngaphandle kwalokho, abazali baphinde baphoqwe ukuthi bakhokhe u- R50 okuthiwa owefomu uma bebhalisa izingane zabo,” usho kanje.
Kwenzeka lokhu nje abafundi bakulesi sikole abasalubhadi esikoleni kusuka ngoLwesithathu olwedlule, njengoba abazali namanye amalungu omphakathi bavuka bayovala esikoleni kukhalwa ngesimo senhlanzeko nokungaphumi kwamanzi kompompi okuthiwa sekunesikhathi eside, kanti akusukunyelwa.
“Amathoyilethi awasebenzi, nelilodwa elisebenzayo ligcwele izimpethu. Izingane ziyaphoqeleka ukuthi zisebenzise lona noma zishone emva kwamakilasi. Ayikho into engagugile, uphahla emakilasini, amawindi abhodlokile izingane aziphephile. Sikhulumile nomhloli ngalolu daba kodwa wathi akangene kakhulu enqubeni yesikole kodwa yena akubhekayo ukuthi kuyafundwa yini kuso,” kusho omunye.
Ilungu lesigungu esilawula isikole (elicele ukungadalulwa), lithe lesi sikole kusuka ku-2016 kuhlehle, besamukela abafundi abangu- 1 300, kodwa selokhu uthishomkhulu ethathe izintambo ngo-2017 emva kokushona kowayenguthishomkhulu, isibalo sabazali abahambisa izingane zabo kuso besilokhu sehla njengoba kulo nyaka zingu- 389 kuphela izingane ezifunda kuso.
“Abazali bagcina sebebalekisa izingane beziyisa kwezinye izikole ngenxa yokungaphathi ngendlela kukathishomkhulu. Okunye osekusikhathaza ukuthi ngenxa yokwehla kwesibalo sezingane, umnyango usuthathe othisha abahlanu wabathumela kwezinye izikole, kanti kubona ababili sebevele bahambile, abathathu sebeqedela isikhathi sabo nje bazohamba kungekudala ngoba vele sebezitholile izincwadi ezibakhomba kwezinye izikole,” usho kanje.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela okhulumela umnyango uMnuz Muzi Mahlambi engakayiphenduli imibuzo athunyelelwe yona.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseMlaza aphenye icala lokweba.
“Kusolwa ukuthi owesifazane oneminyaka engu-41 ukhokhe imali yesikole komunye wesifazane, okuthe ngokuhamba kwesikhathi wathola ukuthi bekungamele akhokhe,” kusho uConstable Ngcobo.