INHLANGANO esiza abalimele ezingozini zomgwaqo isiveze ukuthi abantu abasha abaningi babulawa yizingozi zomgwaqo.
Isikhulu esiphezulu seRoad Accident Fund (RAF) uMnuz Collins Letsoalo, sithe ucwaningo lwabo luveza ukuthi uma usuku lwabantu abasha, iYouth Day lungempelasonto, ezingozini eziwu-74 ezenzeka ngalolo suku kufa abantu abasha kuzo.
ULetsoalo uthe ngo-2020 kuya ku-2022 bawu-13 963 abantu abasha abashona ezingozini zomgwaqo eziwu-34 964 ezenzeka ngaleso sikhathi.
Uthe iningi labantu abasha abashona ezingozini zomgwaqo basuke behamba ngezinyawo njengoba isibalo sabo simi ku-38% bese kuthi abasuke begibele izimoto babe wu-35%.
Ubalule ukuthi abantu abasha abayilandeli imithetho yomgwaqo okubalwa ukubopha ibhande uma besemotweni, ukugqoka izimpahla ezikhanyayo uma behamba ngezinyawo nokuhamba ezindaweni ezifanele ukuze bagweme izimoto.
“Njengoba inyanga yabantu abasha isebusika, ubusuku bude kanti abantu abasha bayazula. Kuba yinkinga ngoba sibona abaningi babo beba sezingozini zomgwaqo ngenxa yokuthi bahamba kakhulu ngalesi sikhathi. Siyabacela ukuthi baqaphele uma behamba ngezinyawo, balandele imithetho yomgwaqo futhi bafase amabhande uma begibele izimoto,” kusho uLetsoalo.
Udonse ngendlebe bonke abasebenzisa umgwaqo ukuthi balandele imithetho ukuze kunciphe izingozi zomgwaqo.
“Kuzo zonke izingozi ezenzeka emigwaqweni yakuleli u-40% wazo ubulala abantu abasha. Ngithanda ukubakhumbuza ukuthi baphephe emgwaqweni ikakhulukazi njengoba kuyimpelasonto enkulu. Ngicela bagweme izingozi zomgwaqo bakhumbule ukuthi kufanele baphile ngomuso, basenamaphupho okufanele bawafeze,” kusho uLetsoalo.
Uthe bonke abantu bakuleli kufanele baqinisekise ukuthi imigwaqo iphephile, ikakhulukazi ngezimpelasonto, bangashayeli bephuzile, bahloniphane nasemgwaqweni.
Uphethe ngokuthi uma kwenzeka beba sezingozini zomgwaqo bashayele iRAF ku-087 820 1111 ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu noma bangene ku-www.raf.co.za ukuthola usizo olufanele.