INHLANSI yethemba njengoba abamelene nokuqokwa kweSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, befakwa ethimbeni elijutshwe ukuba lixazulule imibango yobukhosi.
Ungoti wezamasiko oseNyuvesi yaKwaZulu-Natal, uthe ukufakwa kwabaphikisa ukuqokwa kweSilo ethimbeni kunikeza ithemba lokuthi uzoxazululeka umbango wesihlalo sobukhosi bukaZulu osudonse iminyaka emithathu.
Ithimba elijutshwe ukuba lixazulule imibango yobukhosi limenyenzelwe nguMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, ngoLwesine.
Kuleli thimba kukhona abaseNdlunkulu, uMntwana uMathubesizwe ozohola ithimba, uMntwana uMbonisi, uMntwana uMxolisi, uMntwana uVulindlela, noMntwana uLindi.
Bonke laba baNtwana bayaphikisana nokuqokwa kweSilo uMisuzulu njengoba abanye baseka uMntwana uSimakade Jackson kaZwelithini, abanye baseka uMntwana uBuzabazi Mbuzeli kaZwelithini.
Abanye abasethimbeni uMntwana uThuthukani kaMcwayizeni, iNyosi uBuzetsheni Mdletshe, uMfundisi Hamilton Mbatha noMfundisi Daniel Mthembu.
UButhelezi uthe ukuqokwa kwethimba kuzobuyisa uzinzo ezizweni zamakhosi ezigubuzelwe imibango.
“Isilo esidala uMdlokombane saqala uhlelo lokuthi iNdlunkulu kaZulu ibambe iqhaza lokuxazulula nokudala ukubuyisana lapho kuqubuka khona imibango. Ngethula ithimba labaNtwana baseNdlunkulu abasebenze isikhathi eside noMdlokombane benza lo msebenzi. Ukuzinikela kwabo kuwona kuzoba nomthelela omuhle wokuthula nozinzo ezizweni zamakhosi.
“Ukwethulwa kwaleli thimba labantwana elihlanganisa nezingwevu ezisebenze neSilo esidala ezindabeni ezithinta ubukhosi, kuzoqinisa kusimamise isakhiwo sobukhosi Kwazulu Natal.”
Isimemezelo sishiye imibuzo eminingi, nokho abezindaba abazange banikezwe ithuba lokubuza.
USolwazi uNgubane, uthe ukuqokwa kwabantwana abaphikisa ukuqokwa kweSilo kungase kube ikhambi elingaqeda umbango wesihlalo sobukhosi bukaZulu.
“Ngibona kube ubuchule obukhulu ukuqokwa kwabo, siyethemba ukuthi sekuyisona isixazululo lesi.”
UNgubane uthe ukuxazululwa kombango wesihlalo sobukhosi bukaZulu kunganciphisa imibango yobukhosi ekhona esifundazweni.
“Uma kungalunga phezulu, kuzolunga nakwezinye izindawo. Sihlezi sifisa ukuthi izinkinga zasendlunkulu zilungiswe khona endlunkulu ngoba abaNtwana baseNdlunkulu ibona abazi amasiko. Ezinkantolo abameli babuka imithetho kuphela, abawazi amasiko.”
Umbango wesihlalo sobukhosi bukaZulu useNkantolo yokuDluliswa kwamaCala.
INkantolo eNkulu ePitoli yachitha isinqumo sikaMengameli uCyril Ramaphosa, sokuvuma ukuqokwa kweSilo, ivuna izicelo ezazifakwe ngabeseka uMntwana uSimakade nabeseka uMntwana uBuzabazi.
URamaphosa wabe eseludlulisela phambili udaba.