AMAQEMBU athi akulindwe amavoti abalwe kuqedwe kodwa alindele noma yini ngemiphumela yokhetho olubukeka lwehluke kakhulu.
Abaholi bamanye amaqembu eKwaZulu-Natal, bebengabonwa nangalukhalo esikhungweni semiphumela e-ICC eThekwini, ngesikhathi semiphumela.
Kuvamisile ukuthi abaholi bamaqembu bavuke bayonkanisa esikhungweni semiphumela, bayohlanganisa izibalo bakhulume nabezindaba.
Kuqale kwabonakala uMnuz Chris Pappas we-DA, ogaqele esikandunankulu. UPappas uhlale isikhathi eside abanye abaholi bengabonwa kuwuyena yedwa obekhuluma nabezindaba.
UPappas uthe bayajabula ngemiphumela ebisaqala ukungena, wathi okukhulu wukuthi i-ANC ibukeka ikhala ngaphansi.
“Sizonyuka kakhulu futhi sibheke cishe lapha ko--20% kodwa ngoba i-ANC izophuma nje kuhle lokho ngoba bangabantu abaphakeme. Ngicabanga ukuthi umkhankaso wethu ubusondele kakhulu ebantwini futhi basizwile,’’ kusho uPappas, obebonakala eshayela phezulu enza amancoko.
Uthe bazophawula kahle ngokubumba uhulumeni uma sekuqedwe ukubalwa kwamavoti. Abaholi be-ANC ababonakalanga esikhungweni semiphumela.
USihlalo we-EFF KwaZulu-Natal uMnuz Mongezi Twala, ubonge ukuthi ukhetho luhambe kahle kwangaba nezigigaba. Uthe akulindwe kubhekwe ukuthi imiphumela ihamba kanjani ngaphambi kokukhuluma kakhulu.
UMnuz Musa Mkhize obemele iMK esikhungweni semiphumela e-ICC, uthe akubathusi ukuthi bahambe phambili ngamavoti ngoba kwenzeka intando yabantu abebelifuna iqembu.
Uthe sekuyisikhathi sokuthi umnotho ubuyele ebantwini ukuze babuyelwe yisithunzi. Omunye umholi ongabonakalanga nguSihlalo we-ActionSA KwaZulu- Natal, uMnuz Zwakele Mncwango.
Kulindeleke ukuthi imiphumela iqhubeke nokungena kancane, kancane kanti abe-IEC bathe bazokhipha imiphumela ngeSonto.