NJENGOBA amaqembu ezepolitiki ematasa nezinguyaza ngokubumba uhulumeni wokubambisana kuleli, abamabhizisini nosomnotho bafuna kube nozinzo kungashintshwa kakhulu imigomo elawula izwe.
Abamabhizinisi bathe akumele kubaleke abatshalimali njengoba abavoti bephoqe ukuthi amaqembu asebenzisane ezweni lonke ngenxa yokuthi alikho iqembu elidle umhlanganiso elizokwazi ukubumba uhulumeni ngalodwana.
Umengameli weBusiness Unity South Africa, uMnuz Mxolisi Mgojo, uthe kumele uhulumeni ozobunjwa alandele imigomo yoMthethosisekelo.
Uthe kumele uhulumeni alungise izikhalazo zomphakathi.
“Silindele uhulumeni ukuthi aseke imigomo eyeseka ukuhweba kwezimakethe ngokukhululeka, umkhakha ozimele ube neqhaza olibambayo. Kumele kubhekwane nenkinga yokungasebenzi kwabantu, izinselelo ezibhekene nomphakathi, kwakhiwe ngokuthi kube namakhono azokhulisa umnotho.”
Uthe kumele kuliwe nenkohlakalalo, abantu bakwazi ukuthola izidingo abazifunayo. Ubalule ukuthi kumele amaqembu abambisane akwazi ukuhlukanisa izwe kanjalo neqembu.
Isikhulu esiphezulu somkhandlu wosomabhizinisi abamnyama, iBlack Business Council, uMnuz Kganki Matabane, sithe kudingeka kubekwe izwe phambili kunamaqembu ezepolitiki.
UMatabane uthe akumele kushitshwe imigomo okulawulwa ngayo izwe.
“Kumele izwe liqhubeke nentando yeningi okumanje kubuswa ngayo, abaholi baxoxisane baphinde bavumelane kuphinde kube nozinzo. Lokhu kuzodonsa abatshalimali bangabaleki uma bebona ukuthi sekushintshe izinto.”
Abanye osomnotho baveze ukuthi basibheke ngabomvu isinqumo samaqembu azosebenzisa ukubumba uhulumeni.
Lokhu kulandela ukuthi i-ANC ikwazi ukudla umhlanganiso ezifundazweni ezinhlanu, kuzwelonke idinga amanye amaqembu ukuze yakhe uhulumeni.
Abatshalimali kwabona basibheke ngabomvu isinqumo sokuthi imaphi amaqembu azobambisana ukwakha uhulumeni kuleli. IRandi beliqinile njengoba bekuvotwa kuleli.
Abanye bakhuluma eyokubambisana phakathi kwe-DA ne-ANC ukuthi kungadala uzinzo kuleli.
UNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uthe baxoxa nawo wonke amaqembu, abakhethi phela emasini ngokubumba uhulumeni.