KULOBIZA inhlansi yethemba kubefundisi abephezu kombhidlango wokuhlanganisa uNdunankulu kaZulu, uMfu Thulasizwe Buthelezi nosihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, okwasuka ngabo umsindo ngesikhathi kunomcimbi wokukhumbula iSilo uDinuzulu kaCetshwayo.
Abaholi bamabandla bathe banethemba lokuthi laba baholi bazogcina bebuyisene. Lokhu bakusho emva kokuhlangana noButhelezi, eThekwini, ngoLwesine.
Usihlalo wenhlangano yamabandla KwaZulu-Natal, iKZN Christian Council (KZNCC), uBhishophi Nkosinathi Myaka, uthe baxoxa nabo bonke abaholi abathinteka embangweni wombhobho owenzeka phambi kweSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini noMengameli, uCyril Ramaphosa.
“Okusinika ithemba lokuthi kuzokuba khona ukubuyisana ukuthi bonke abaholi esixoxa nabo, akekho okhombisa ukungahambisani nemizamo yokubuyisana. Bonke bayakwemukela ukungenelela kwethu.”
Kuze kube manje imizamo yokuqeda umsindo owasuka KwaCeza ibingakaphumeleli.
Umhlangano wamakhosi nekhabhinethi laKwaZulu-Natal owawubizelwe ukuzoxoxa lolu daba wafinyelela kwangqingetshe.
Umhlangano wabaholi bamabandla noButhelezi ubugxile kakhulu ekugqugquzeleni ukuthi kube nokuthula njengoba kubhekwe okhethweni.
UMyaka uthe abafuni ukuthi iKwaZulu-Natal iphinde igubuzelwe udlame lwezepolitiki oseluke lwabonakala ngaphambilini kulesi sifundazwe.
“Ngenxa yokhetho oluzayo kunokushukuma kwezinto. Asifuni ukuthi izinto zigcine ziphuma esandleni, sibone izinto esake sazibona ngaphambilini. Ingakho sithe asingenelele kungakonakali.”
UMyaka uthe kunomkhuba omusha abawuqaphelayo, lapho osopolitiki behlisana isithunzi.
“Kufanele ikhuzwe le nto. Lo mkhuba wokucekelana phansi isithunzi angeke usiyise phambili.”
Unobhala weKZNCC KwaZulu-Natal, uBishophi Nkosinathi Zondi, uthe baxoxa nawo wonke amaqembu angenele ukhetho KwaZulu-Natal, benxenxa ukuba kube nokubekezelelana.
UZondi uthe batshele amalungu ebandla kuso sonke isifundazwe ukuba abheke isimo.
UButhelezi uthe unethemba lokuthi ukhetho oluzayo luzokuba ngolukhululekile.
“Emva kwemithandazo yabaholi bamabandla, nginethemba lokuthi angeke kube nezigameko zodlame.”
UButhelezi uwushayele ihlombe umhlangano wayizolo, waveza ukuthi kuwo kukhulekelwe iSilo nendlunkulu.
“Indlela eya phambili izokhanya njengoba isisekelo sakho konke ebesikwenza namhlanje, kungumkhuleko.”
Khonamanjalo: AbakwaButhelezi endlini yaseMcakwini, bazokuba nomcimbi wokubungaza ukuqokwa kukaButhelezi njengoNdunankulu kaZulu.
UButhelezi waqokelwa kulesi sikhundla ngasekuqaleni konyaka, evala isikhala esavulwa ukukhothama kwenkosi Mangosuthu Buthelezi.
Umcimbi wokuhlonipha uButhelezi uzokuba eBabanango, kusasa.
AbakwaButhelezi babekade bezinze eMcakwini, ngaphambi kokuthi iSilo uShaka kaSenzangakhona sinqobe inkosi uPhungashe, owayehola abakwaButhelezi ngaleso sikhathi.