UNGQONGQOSHE wezeMali uMnuz Enoch Godongwana, uthe isibonelelo sabangasebenzi esiwuR350, sizoqala ukukhokhwa sesiwuR 370 ngo-Ephreli 1, nonyaka. UGodongwana usho lokhu ekhuluma ePhalamende, ngesikhathi ecacisa ngodaba lokwenyuswa kwemali.
Lokhu kusho ukuthi imali izokwenyuka ngoR20 ukusuka kule ejwayelekile ebiholwa abantu nyanga zonke.
UGodongwana uthe sebefinyelele esivumalweneni sokunyusa isibonelelo.
“Kuyintokozo kimi ukuthi sigcine sivumelene ukwenyusa imali isuka kuR350 iya kuR370 kusukela ngo-Ephreli 1. Lokhu kuyingxenye yokuhlonipha amalungelo abantu bakithi,’’ kuchaza uGodongwana.
Imali yesibonelelo sabangasebenzi yethulwa emuva kokugadla kweCovid-19 kuleli, eyashiya abantu abaningi bengenayo imisebenzi. Kunesikhalo sokuthi imali incane kakhulu ngoba izindleko zokuphila zimba eqolo.
I-Covid -19 igadle okokuqala ngqa kuleli ngoMashi 2020, lapho kwavalwa izwe akwangasebenza lutho. Umnotho wakhahlamezeka kakhulu kwavalwa izimboni kwafa inqwaba yabantu ababehaqwe yiCovid-19.
Ngaphambi kwesimemezeleo sikaGodongwana, uMengameli uCyril Ramaphosa wakuveza ukuthi izonyuswa le mali ngoba iwusizo ebantwini. URamaphosa wathi uthola imibiko emihle ngale mali ukuthi iyasiza.