ABAHOLI bamaqembu ezepolitiki abambisene njengoba kubhekwe okhethweni lwalo nyaka, bathi bayakwamukela ukusungulwa kwamanye amaqembu ukuze kwande ukuncintisana kwezombusazwe.
Laba baholi bathe bafuna ukusebenza namaqembu azokwenza umehluko, hhayi uvucu olungeke lubenzele lutho abantu ezweni.
Laba baholi bamaqembu okuyi-DA, IFP, FF Plus, ActionSA, ACDP, ISANCO, UIM, SNP, UCDP, Ekhethu ne-UNP, bathe noma kanjani i-ANC izokhala ngaphansi okhethweni.
Bekhuluma emhlanganweni obuseThekwini izolo, bathe nakanjani uphelile umbuso kaKhongolose.
“Kuphelile ukushaya amaphiko kwe-ANC kuleli naKwaZulu-Natal. Ngemuva kokhetho kuzobe kuphethe amaqembu ahlukene. Siyakwamukela ukusungulwa kwamaqembu amasha kuleli, okubalwa neMK.
Siyathemba nayo izosondela ifune ukuzoba yingxenye yenhlanganisela nathi,” kusho umholi we-DA uMnuz John Steenhuisen.
UMengameli we-IFP uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthe umnyakazo wokusebenzisana namanye amaqembu bawuqale ngoMeyi nyakenye emuva kokuyothekela ulwazi kwamanye amazwe ngokusebenzisana kwamaqembu.
Uveze ukuthi bazocacisa konke abakuphathele abantu bakuleli uma i-IFP isithula umhlahlandlela wezethembiso zokhetho, ngoMashi eThekwini.
“Abantu ngeke ubadidise. Bayazi ukuthi kumele bavoteleni. Siyakwamukela ukusungulwa kwamaqembu amasha, ukuze kwande ukuncintisana ngakwezepolitiki.”
Umholi we-ActionSA, uMnuz Herman Mashaba, uveze ukuthi bahlanganyela ndawonye ukuze bathathe umbuso kwi-ANC.
Uveze ukuthi ijoka elibahlalele wukunxenxa izinkumbi zabantu abangabhalisile ukuvota, ukuthi babhalise ukuze bavote.
“Angingenanga kwipolitiki ngoba ngifuna itoho. Ngingene ngoba ngifuna ukwenza umehluko uma sesisezintanjeni zokuphatha. Sifuna ukushintsha imigomo yezomnotho ecekela phansi abantu bakuleli.”
La baholi baveze ukuthi bazophucula imfundo ezweni ngokuqinisa uhlelo lokufunda, kukhishwe ipolitiki kwezemfundo, baqinise ukuqeqeshwa kothisha.
Okunye ngukubuyisa abahloli ezikoleni, kube nabaluleka ngezengqondo ezikoleni kanjalo nokuthi abafundi kube nezinto zokubayisa ezikoleni.
Baveze nokuthi bazokwehlisa uphethroli, kuncishiswe ukuboleka imali kukahulumeni, iBhange loMbuso lizimele, kukhuliswe amakhono, kubuyekezwe imigomo ethinta ukulandwa kwabanamakhono kwamanye amazwe.