OMAMA abagada izintombi zomhlanga basabisa ngokubhikishela umdlalo wethelevishini iDurban Genabawusola ngokubukela phansi isiko lokuhlolwa kwezintombi.
Basonga ngokuthi ababhali beDurban Gen “bazowukhomba umuzi onotshwala” njengoba behlongoza ukuba nombhikisho lapho kuqoshwa khona umdlalo okhonjiswa njalo phakathi nezinsuku esiteshini i-etv.
Lokhu kwenzeka emva kwesiqephu esibonakale khona emdlalweni ngeledlule lapho kuvele khona “izintombi zomhlanga” ezingeniswe esibhedlela, ziguliswa wukuthi zifake umhlwehlwe ebuntwini bazo ngoba zingafuni kubonakale ukuthi azisaphelele.
Esiqeshini esisuse umsindo “izintombi” zibanjwa wukugula zilubangise “emkhosini womhlanga”.
Enye yazo igcina ngokugonyuluka kodokotela ngokuthi zinqume ukufaka umhlwehlwe ebuntwini bazo ngenxa yokuthi bezingafuni ukubonakala ukuthi azisaphelele.
“Dokotela, sihamba umhlanga. Uma uhamba umhlanga kumele ube yintombi. Abanye bethu kabasezona izintombi. Besingathandi ukuphoxa omama laba abasiphelezelayo uma siya emhlangeni nabazali bethu. Kunentombazane eyezwa ukuthi kuhle ukuthi sifake umhlwehlwe ngaphambili ukuze uma sifika phambili bengeke basibone omama (abahlolayo ukuthi asisaphelele),” kugolunyuluka “itshitshi”.
Isiqephu sithukuthelise abahlola izintombi, bathi bafuna uvalwe lo mdlalo wethelevishini.
Ophethe izintombi, uDkt Nomagugu Ngobese, weNomkhubulwane Cultural Group, uthe bafuna ababhali bomdlalo babachazele ukuthi kungani belwa nesiko lokuhlolwa kwezintombi.“Akusikhona okokuqala iDurban Gen igxambukela esikweni lethu. Lokhu kwakamumva kubi kakhulu ngoba baphendukezele isiko eliyingcwele kithina. Sesikhathele yibona. Kungani bengenzi ucwaningo ngaphambi kokuthi babhale?
“Into abayenzayo ingukwedelela isizwe sikaZulu neSilo uqobo. Uma becabanga ukuthi bazozenzela umathanda esizweni sikaZulu, mabakhohlwe. Yizwe leSilo leli, yizwe lamaZulu. Ngeke sisonge izandla kwedelelwa isiko lethu.”
Uthe basahlela usuku abazobhikisha ngalo, athe bazolumemezela emva kokuphothula amalungiselelo oMkhosi kaNomkhubulwane.“Ababhali balo mdlalo bazowuchama bawuphuze. Ngoba bafuna ukusibona ngamehlo, bazosibona-ke.
“Sizobe singangoZulu eya eMakheni. Sizoyivala iDurban Gen ngoba vele iqoshelwa la eduze kwethu, eThekwini. Lena ayithinti izintombi kuphela, kodwa ithinta isizwe sonke.”
UNkk Tholakele Ngema, ophethe izintombi eVryheid, uthe kuningi okubaphoxile esiqeshini sangesonto eledlule.“Kusona lesi siqephu kwaze kwavela negama lokuthi omama abahlola izintombi bayadizelwa. Sesikhathele yiDurban Gen.
Ziningi kabi izinto okufanele engabe iDurban Gen ikhuluma ngazo.
“Kungani bengakhulumi ngamantombazane alala namadoda ashadile nakhipha izisu? Kungani bengakhulumi ngokuthi uhulumeni udla imali ekubeni abantu behlupheka?”
Imizamo eminingi yokuzwa ukuphawula kokhulumela isiteshi i-e.tv, uMnuz Thapelo Ramatsui, ayizange iphumelele.
Ngesikhathi ethintwa ngoLwesibili, uRamatsui uthembise ukuthi uzophendula imibuzo yeSolezwe.Emva kwalokho akabange esalubamba ucingo.