ABAFUNI ukuthi anikwe ibheyili uma esevela enkantolo ngoLwesithathu uthisha (54) wasoLundi osolwa ngokudlwengula umfundi (10).
Umsolwa, okuthiwa ufundisa ePrince Dabulamanzi Primary khona oLundi, ubevele eNkantolo yeMantshi yasoLundi ngoLwesihlanu, efaka isicelo sebheyili.
Kuthiwa inkantolo ikuhlehlisele uLwesithathu ukuqhubeka kwakhe nokufaka isicelo sebheyili.
Uyise kamgilwa, obezwakala ukuthi udangele, utshele Isolezwe ukuthi umsolwa uboshwe ngoLwesibili olwedlule, wavela okokuqala enkantolo ngoLwesithathu olwedlule.
Echaza ngesehlakalo, uthe ugogo kamgilwa obone ngoMeyi 27 ukuthi umgilwa unukubeziwe kade ebuya kozibandakanya kwezemidlalo esikoleni.
“Uqaphele ukuthi endleleni eza ekhaya umgilwa akahlalisekile kanti ubelokhu ezithinta esithweni sangasese. Uthe uma embuza ukuthi kwenzenjani, wathi kuyaluma,” kusho uyise kamgilwa.
Uthi umgilwa ufike wazivalela ekamelweni, wathi uma embuza kwezinye izingane emndenini, ezinye zathi ulele, ezinye zathi uyakhala.
Uqhube wathi uhambile wayombheka, ekhumbula ukuthi ubetheni ngesikhathi bebuya esikoleni.
“Ube esembheka esithweni sangasese, wathola ukuthi ngempela sikhombisa ukuthi uthintiwe. Ngenxa yokuthi bese kuhlwile, umyalele ukuthi angagezi, bavuka ngeSonto banikela emtholampilo, khona badluliselwa esibhedlela eNkonjeni, nokuyilapho odokotela abaqinisekise khona ukuthi umgilwa unukubeziwe futhi bekungaqali,” kusho uyise kamgilwa.
Uthi kube sekuvulwa icala, yena waziswa ngoMsombuluko ukuthi umgilwa wehlelwe umshophi.
Uveze ukuthi ubelokhu encengwa umgilwa ukuthi asho ukuthi ubani omenzakalisile kodwa engakwenzi futhi ekhombisa ukuthi uyasaba.
“Kuze kwaba ngihlala naye phansi ngoLwesibili ngambuza ukuthi lo muntu oyenze lokhu umfundi, yathi cha. Ngathi uwuthisha, yathi yebo. Ngathi ufundisani, yathi iGeography,” kusho uyise kamgilwa.
Uqhube wathi inqabile ukusho igama lakhe ikhombisa ukwethuka, kwaze kwaba uthi ayilibhale phansi.
“Ithe uyisabise ngokuthi uma ike yamdalula uzoyibulala nomndeni wayo,” kusho uyise womgilwa.
Uthe njengoba kulindeleke ukuthi inkantolo ikhiphe isinqumo sebheyili, bona abafuni ayithole.
“Lo muntu uyingozi emphakathini nasezinganeni zethu. Akufanele akhishwe ngebheyili,” kusho uyise kamgilwa.
Ubuye wathi balindele ukuthi uMnyango wezeMfundo ungambuyiseli esikoleni esinezingane zabo umsolwa uma kwenzeka inkantolo imnika ibheyili.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda usiqinisekisile isigameko, wathi siphenywa amaphoyisa ophiko oluphenya amacala oDlame lwaseMndenini, ukuVikelwa kweZingane nawoCansi asoLundi.
Uveze ukuthi umsolwa uvelile enkantolo ngeledlule ngecala lokudlwengula ngsikhathi kunosuku lwezemidlalo esikoleni.