UBUHLUNGU bokungabatholi abantwana benze owesifazane waseThekwini, osezinze ePitoli, asungule inhlangano ezosiza abanye abasesimeni esifana nesakhe.
UNkk Mapula Ndou (42), uthole eneminyaka engu-37 ukuthi ngeke akwazi ukukhulelwa ngokwemvelo. Kusukela ngaleso sikhathi uthe ubenza izinto eziningi ezama ukukhulelwa kodwa kube nhlanga zimuka nomoya.
Inkinga abhekane nazo zimenze wabona kunesidingo sokuthi kube nenhlangano yabesifazane abasesimeni sakhe abazokwesekana kuyo, i-We are Women too, ayisungule ngo-2022.
Uthe uyazi ukuthi abesifazane abanale nkinga babizwa ngamagama amaningi emiphakathini, kwesinye isikhathi nabo baze bazingabaze ukuthi bangabesifazane. Leli gama ulibone lifanele ngoba livusa ithemba.
“Ezinkundleni zezokuxhumana ziningi izinkundla zabesifazane kodwa ibingekho ekhuluma ngalolu daba ngoba wudaba abantu abesabayo ukuphumela obala ngalo.
Ngesikhathi ngisifaka lesi sihloko ngangingazi ukuthi baningi kangaka abantu besifazane abasenkingeni efana neyami. Ngangifuna abantu engizokhala kubo bangizwe,” kusho uNkk Ndou.
Uthe uma ushadile ziningi izinto ezisuke zikufakela ingcindezi yokuthi ube nengane, njengokuthi nawe ufuna ukuphelelisa umshado ngokuba nomndeni, abasemzini oshadele kuwo basuke belindele ukuthi wandise isibongo.
Umyeni wakho naye usuke efisa ukuthi nibe nezingane kanjalo nabantu enisondelene nabo nabo, basuke benalowo muzwa.
“Uma nisanda kushada akubi wudaba oluseqhulwini. Niye nilindele ukuthi kuzenzekele. Nakimina kwaba njalo, saze sagcina sibona ukuthi akwenzeki.
Sathatha isinqumo sokuthi siye kwadokotela. Kwenziwa ukuhlolwa okunhlobonhlobo, okwaphetha ngokuthi udokotela athi angisenawo amaqanda, ngakho ngeke ngikwazi ukukhulelwa ngokwemvelo.
Wathi kuyenzeka kwabanye asheshe aphele. Angikholwanga ngoba ngiyaya esikhathini njengabo bonke abantu besifazane,”kuchaza uNkk Ndou.
Uthe akasakhumbuli nokuthi udokotela wachaza wathini ngokuthi kusuke kwenzekani uma eya esikhathini ngoba kumphatha kabi.
Uqhube wathi ziningi izinto ezikufikelayo uma usuzwe lokho, kuba wukuthi umyeni wakho uzokushiya noma uzothatha isithembu.
Yena nowakwakhe bakhetha ukuthi bazame ezinye izindlela okungezona ezemvelo ukuze bathole ingane. Kuleyo ndlela kuhlanganisa ukuthi kumele athole umuntu ozomnikelela ngeqanda.
Ezikhungweni zabanikela ngamaqanda, iqanda libiza u-R25 000 kuya phezulu, bese kwenziwa uhlelo lokulungiswa komzimba ukuthi ukwazi ukuthwala ingane ngokuthi ujovwe. Kuchanyuseliswe lelo qanda, okwaziwa nge-In Vitro Fertilization (IVF) bese lifakwa esibelethweni sowesifazane.
Uthe lolu hlelo ludinga ukuthi ube nemali ephakathi kuka-R80 000 no-R300 000 kodwa asikho isiqiniseko sokuthi kuzohamba kahle.
“Singena ezikweletini, siboleke imali emabhange kwesinye isikhathi size sidayise nemIzi. Okubuhlungu wukuthi kusuke kusengenzeka usukhulelwe isisu sichitheke. Kumele uphinde uqale phansi.
Abantu abakwazi ukwenza konke lokhu. Abasebenzayo abakwazi ukukhokhela konke lokhu ngoba noma une-medical aid, ayikukhokheli okunye.
Ngokwazi kwami zintathu izikhungo zikahulumeni ezikwenzayo lokho kodwa kunzima ukufika kodokotela ngoba baningi abasemgqeni abalindile.
Lezi zinkinga yizo ezingenze ngabona ukuthi lo mthwalo sidinga ukuwuthwalisana, sifundisane, siphinde sicobelelane ngolwazi ngoba kukhona asebehambe ibanga elide. Kube khona abangazi nokuthi baqale kuphi,” kusho uNkk Ndou.
Ngo-Ephreli 27 uNkk Ndou uzobe enesigcawu esizobe sibukhona sokucobelelana ngolwazi asihlelele abesifazane baseThekwini.