"UBUNZIMA bokufika lapho engikhona manje ngibubone sengiphothule izifundo zami zobumeli. Ngangingawatholi ngokushesha amathuba okuba yithwasa ezinkampanini zezomthetho obekudingeka ngikwenze ukuze ngiqhubekele phambili. Into leyo engifuna ukwenza izindlela zokuthi abeza ngemva kwami bangagaxeli kulolo gibe."
Usho kanje uNksz Boitumelo Majodina wenkampani yezomthetho iBoitumelo M Attorneys, elandisa ngezinye zezinto afisa ukuzifeza enkampanini uma izinze kahle futhi isinamandla omthambo wezisebenzi eziningi. Okwamanje isachuma emva kokuyiqala ngo-2023.
Elandisa ngohambo lwakhe, uthe esephothule u-matric wenza unyaka owodwa wezifundo zomthetho e-University of Zululand ngo-2015. Kwathi ngokuphazamiseka ngenxa yezimo ezithile zempilo yakhe yangasese, wanquma ukukhokha umoya unyaka owodwa - wase eqhubeka e-University of KwaZulu-Natal, eThekwini, lapho ephothule ngo-2019.
“Yilapho engabona khona ubunzima bokufuna umsebenzi wokuba yithwasa, okwenze ngaba nomcabango wokuthi uma inkampani yami isizinzile futhi isineminyaka engaphezu kwemithathu isebenza, ngikwazi ukunika abanye abeza ngemva kwami ithuba lokugqama, into engingakavumeleki ukuyenza andukuba ibhizinisi lifike kuleso sigaba,” usho kanje.
Eqhuba uNksz Majodina waseMount Fletcher, e-Eastern Cape, ozinze eThekwini, uthe uze ufika lapho akhona nje, uyazincoma ngokuthatha isinqumo sokuzimela ngoba engafuni ukusebenzela omunye umuntu - yize kunezinselelo zakhona kodwa kuyenzeka.
“Kuba nzinyana kwezinye izinsuku ikakhulu ngoba umsebenzi omningi ubheke mina nomuntu oyedwa okwamanje ongisizayo nje lapha nalaphaya. Kuyenzeka ngoba yinto engiyithandayo nengizimisele ukuchuma ngayo eminyakeni ezayo, ngigcine ngifika ezingeni lapho inkampani yami isiba namanye amagatsha kwezinye izindawo. Ibe ngethenjwayo ukuzaxulula izinkinga zamacala obugebengu nokunye okweyamene nawo,” kusho uNksz Majodina.