USEQALE uhlelo lokuthi imvunulo yomakoti ayikhiqizayo idayiswe emhlabeni wonke kusetshenziwa isitolo esi-online, i-e commerce Website.
UNksz Lethiwe Dlamini waseDannhauser ongumsunguli wenkampani edayisa izimpahla zomakoti ebuye ibalekelele ngolwazi lokuvula amabhizinisi, ubenephupho lokuba ne-Appyokudayisa lokhu.
Kule -App uuye agxile kwezokupheka, ukuxazulula izinkinga abhekana nazo nezinye izinto ezibathintayo beyiMakoti Life & Style.
Uthe le-App izomsiza kakhulu ekungalahlekelweni ngamakhasimende angakwazi ukufika eDannhauser.
Le ntokazi esanda kuchonywa uphaphe kwizindondo iBambelela Awards ezihlelwa iHollywood Foundation, yahlomula ngoR70 000.
Ithe isiqalile ukusebenzisa imali yayo eyiwinile ukuze ivule isitolo sayo esi-online.
Ngemuva kokwenza ucwaningo uthi uthole ukuthi kubiza kakhulu ukuba ne-App kodwa i-ecommerce website ibiza ngaphansi. Ngokulekelelwa yiyona iHollywood Foundation, useqalile ukuhlela isitolo esi-online.
"Ngithole ukuthi ngidinga uR1 million kuya phezulu ukuze ngibe ne-App. Amakhasimende ami amaningi awakwezinye izifundazwe. Ukuba khona kwesitolo esi-online kuzoba ithuba elihle kakhulu lokukhula kimi," kusho uNksz Dlamini.
Le ntokazi ithi yaqala ngokusungula uhlelo lokusiza omama abenza imisebenzi yezandla ukuze bakwazi ukuyidayisa ezindaweni ezinabantu abaningi, bangathembeli ekutheni badayisele abantu bendawo ngo-2015.
"Ngacela uxhaso kumasipala nakwezinye izikhungo kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Omama bagcina sebephelelwe ngamandla ngoba sekuphele iminyaka emibili singalutholi uxhaso.
“Ngaphatheka kabi ngizibuza ukuthi yini engidalelwe yona ngoba nasenyuvesi ngafunda kodwa iziqu zami angizitholanga ngoba anginayo imali yokuzikhipha.
”Ngidinga imali elinganiselwa ku-R300 000 ukuze ngikwazi ukuzikhipha. Iphrojekthi enganginethemba lokuthi izosukuma nayo yafa," kusho yena.
Ngaleso sikhathi uthe wangena esigabeni sokuba umakoti, kulapho afikelwa khona umqondo wokuthi avule ibhizinisi elizogqokisa omakoti.
Lidayisa imvunulo yomshado, izingubo zomshado omhlophe, amaphinifa nezinye izinto ezigqokwa ngomakoti abancane uma besekhaya.
"Abanye omama engangisebenza nabo kwiphrojekthi babekhona abathungayo, benza ubuhlalu neminye imisebenzi yezandla.
“Ngabaqeqesha ukuthi bangenzele ubuhlalu ngendlela eyahlukile, elungele ukuthengwa nangumuntu okungeyena owendawo.
“Baphinde bathunge amaphinifa azofanela omakoti abancane, angafani nawomama nogogo ukuze kubonakale ukuthi umakoti onesitayela," kusho uNksz Dlamini.
Uthe ubuye ahlele imakoti festival lapho omakoti begqoka babe bahle kube nesigcawu sokucobelelana ngolwazi, asibiza ngeSithebe Solwazi, esabafelokazi, esezintombi esibizwa ngeNsonyama nesokwelulekana ngamabhizinisi asibiza ngeSikhwishikhwishi.
"Ibhizinisni lami elokuthuthukisa umphakathi, iSocial Entrepreneur. Ngisebenzisa ulwazi engiluthole ngesikhathi ngenza iziqu zami IVisual Production and Management engingayiqedanga neB Com Accounting," ehleka.
Uthe indawo yakhe ibuye ibe nomtholampilo wokuzicwala kusetshenziswa izindlela zesimanje, ezisebenzisa imishini nezinalithi zokucwala isikhumba, iStatic Clinic.
"Omakoti bamanje basebenzisa izindlela zesimanje zokunakekela isikhumba. Ngifuna ukuthi konke abakudingayo bakuthole ndawonye," kusho uNksz Dlamini.