UYAYIKAZELA kwezemfundo kodwa zonke izimendlela zempumelelo kwezemfundo uzibeka eceleni enze izinto ngokubambisana nabanye.
Yile ndlela esibeke uNksz Sbongi Ngcobo esicongweni emkhakheni wezokusakaza njengoba ephethe isigomagoma somsakazo, uKhozi FM.
NgoJulayi kulo nyaka kuqopheke umlando uNksz Ngcobo eqokwa kwesokuba yiMenenja yemisakazo yezilimi zesintu eziwu-11 okubalwa Ukhozi FM, Umhlobo Wenene, Lesedi FM, Motsweding FM, Thobela FM, Munghana Lonene, Phalaphala FM, TruFM, Ikwekwezi FM, Ligwalagwala FM ne-XK FM.
UNksz Ngcobo ungowokuzalwa KwaDukuza. Uke wahlala naseSikhaleni (eSikhawini) manje usezinze eThekwini.
Emuva kokuphasa u-matric wenza i-BA Honours e-University of Natal esiyaziwa nge-UKZN lapho ayegabe nge-English and Marketing ephelezelwa yiCommunication.
Wenza iHonours kwiCultural Media Studies. Uphinde abe nesitifiketi se-Essentials of Digital Media Management asithola eRhodes University, esePeople Management asithole eGordon's Institute of Business Science (Gibs) kanjalo nezeSales Consulting kusukela kwiLevel 1 kuya ku-3 azithole eMick McCormick Training.
UNksz Ngcobo usekhombise ukuvuthwa kulo msebenzi abhekene nawo kwazise abalaleli bahlala beneziphakamiso nezikhalo ngaso sonke isikhathi.
Uthi ukulalela abantu nokusebenza ngokubambisana nabanye kungumanqoba.
"Umsakazo unemikhakha eminingi ekwazi ukubhekela izinto ezahlukene, okwenza kube lula ukubambisana wonke umuntu ezozwakala egculisekile.
Sixhumana nabalaleli zonke izinsuku ezinkundleni zokuxhumana nasemoyeni, abanye basibhalele. Kuwumsebenzi wami ukubhekana nezikhalo abanazo, bese ngenza konke ukulungisa leyo nkinga," kusho uNksz Ngcobo.
Mayelana naye uveze ukuthi kuyamsiza ukungazithatheli phezulu izinto.
“Angiyena umuntu othatha izinto ngamawala. Ngiyenzisisa kukhona konke, ngicwaninge ngibonisane nabanye ngaphambi kokuthatha isinqumo.
Emisakazweni esengiyisebenzele, ikakhulu Ukhozi FM akulula ukugculisa wonke umuntu njengoba lunezinkumbi zabalaleli futhi benezifiso ezahlukene.
Esikuqinisekisayo wukuthi zonke izinhlelo ziqukathe okudingwa wumlaleli ngamunye ngokuhlukana kwazo," kusho uNksz Ngcobo.
Amava akhe kwezokungcebeleka abonakala kakhulu esebenzela i-Durban Film Office lapho ayemaketha khona umsebenzi wabamafilimu bakuleli naphesheya kwezilwandle.
Uke wasebenzela iBritish American Tobacco kanjalo neZulu Jazz Lounge eyimenenja yezokumaketha.
Ngo-2006 laqala ikusasa lakhe laqhakaza kwezomsakazo ngesikhathi engamele ezokumaketha kwiGagasi FM, kwaze kwaba wu-2011.
Wabuye waphrojusa, wethula uhlelo lwasekuseni ngoMgqibelo iMo' Fire noMzokoloko kulona iGagasi FM.
NgoJulayi ngo-2011 i-SABC yamthatha waba yiMarketing Manager ye-TruFM e-Eastern Cape kwaze kwaba uyophatha isikhundla esifanayo kuKhozi FM ngoNovemba ka-2017.
NgoFebhuwari kuwu-2018 wabamba njengomphathi-siteshi woKhozi FM kwaze kuba uqokelwa kwesokuba yiBusiness Manager esenza umsebenzi ofanayo, kushintshwa igama.
Kukhona konke akakhohlwa wukusondela kubasakazi ngamunye bacobelelane ngokomsebenzi, aphinde angenele lapho kufanele khona ngesimo asuke ebhekene naso.
Uma engematasa nomsebenzi, ukhonze ukuhlala nomndeni nabangani, akholelwa ekuthini ubengeke afinyelele kuleli zinga ngaphandle kothando lwabo.
Uyazifela nangezemidlalo okubalwa ukubhukuda, ukushova nokuqwala izintaba. NgoFebhuwari ubeyingxenye yabenza iMidmar Mile, kulo nyaka kube wokokuqala ngqa eshova ibanga eliwu-42km esuka eMoses Mabhida elubangise eMdloti aphinde abuyele eThekwini.
Kuyimanje uzilolongela Amashovashova lapho ezokwenza khona ibanga lika-65 km ngo-Okthoba.