UKUGILWA izinkampani ezingawenzi kahle umsebenzi kuholele ekutheni ohlobisa imizi yabantu agcine esengena emkhakheni wokwenza ifenisha awuhlanganise nokuhlobisa imizi.
UNkk Thandeka Malinga, ongumsunguli wenkampani ehlobisa imizi, yakhe ifenisha iDefyn Dezigns, uthe wangena kuleli bhizinisi engumdwebi nomhlobisi kuphela kodwa ukugilwa yizinkampani ezazimlethela izimpahla ezishibhile futhi ezingenziwe ngendlela okwakuvunyelwene ngayo nobekumxabanisa namakhasimende, kuholele ekutheni naye agcine esakha nefenisha. Le ntokazi idabuka eMpangeni kodwa isizinze eBallito.
UNkk Malinga uthe kunesikhathi lapho umsebenzi okwakumele awenze ngesikhathi esiyinyanga inyanga wagcina uthathe unyaka ngoba izinkampani ezehlukene ayethenge kuzo ifenisha nezinye izinto zokuhlobisa zazibhala zicisha, ezinye ziletha izinto ezishibhile ekubeni kade ethenge eziseqophelweni eliphezulu.
"Zingihlupha nje lezi zinkampani sengikhokhile ngoba ngithi ngenzela ukuthi zisheshise kanti ngishaye phansi. Angazi noma zazibona ukuthi anginalo ulwazi oluphelele noma kwakuwubugebengu. Kwakumele ngichazele ikhasimende ukuthi nginengqinamba yabantu engi-ode kubo. Ngenhlanhla ikhasimende langibekezelela kodwa ngase ngibona ukuthi isimo sesimuncu. Ngeke ukholwe ukuthi ngagcina sengizenzela mina ifenisha sengibuya kofunda. Ngaqala phansi ngakhokha ngithenga amapulangwe nezinye izinto ezazidingeka ukuze ngenze leyo fenisha. Ngaphathwa ingcindezi ngoba ngase ngisebenzisa imali yami. Angitholanga nzuzo. Okuningi angikwazi nokukuchaza kahle ngoba ngase ngigula nginengcindezi," kusho yena.
Uthe akulona kuphela lelo khasimende, kukhona nelinye elalimqashele ukuthi ahlobise iBnB nakhona zamgila izinkampani aye-ode kuzo wangawuqeda ngesikhathi umsebenzi. Nalapho wagcina engatholanga nzuzo.
Le ntokazi ithi ikhono lokuba umhlobisi wasendlini yayingaliboni ngoba yona ingumakhi obuye adwebe ukuthi indlu izoma kanjani okuhlanganisa nokuthi kube nezithombe ezibonakalayo ukuthi ukuthi igumbi elithile limi kanjani.
"Ngumuntu engamcela ukuthi angihlobisele umuzi wami owabona ithalente kimi, wafika sengikwenzile okunye kodwa izinto engangizifuna ngizazi nokuthi kumele ngizithenge kuphi. Wathi kimi ngiyakwazi ukuhlanganisa imibala nezinye izinto ezihambisanayo ukuze kuphume umsebenzi omuhle. Wangibamba ngesandla wangifundisa okuningi,“ kusho yena.
Le ntokazi ithe ibhizinisi lokuhlobisa iluvule ngo-2018 kodwa ibivele inamanye amabhizinisi okungelokucwala izinwele elisekhona namanje, elokupheka, idriving school nelokwakha izindlu namabhilidi elisekhona.
"Isalon yami eseBallito iheha izinhlanga ezehlukene, ngaphakathi inophiko olufaka ama-IV drips. Ngiphazanyiswe yiCovid-19 ngabe senginebhizinisi elikhiqiza izinwele. Konakale sengibuya eMiddle East kofunda, sengithenge imishini, ngafundisa abantu abebezosebenza. Kwaphela imali ngoba bekungasebenzeki ngesikhathi seCovid-19,“ kusho uNkk Malinga.
UNkk Malinga ulale isithathu ezindondweni, iBambelela Awards, ezihlelwe yiHollywood. KwiLembe Enterprize walala indawo yesibili.