IVULA amathuba amasha eyocwaningo lwezempilo oluncike ezinkambisweni zasentshonalanga njengoba kuqhamuka uhobo olusha longoti abazihlupha ngokuthaka imithi yokwelapha kusetshenziswa okuyimvelo e-Afrika.
UDkt Futhi Mkhize waseMontclair, eThekwini, ungomunye wochwepheshe abasebenzisa isipiliyoni sokusebenza ngabantu abanezinkinga ezahlukene zesikhumba ukuthola izisombululo ngokuthaka amakhambi besebenzisa izihlahla ezitholakala kuleli.
UDkt Mkhize wenza izifundo zePHYTO Medicine eNyuvesi yasePitoli, lapho afunda wagxila ngesihlahla nokubaluleka kwaso ukubhekelela isimo sempilo yomuntu. Kumanje usenamakhambi akhe alapha izinto ezahlukene. Unamakhemesi eMlaza nasenkabeni yeTheku.
“Siqala ekutshalweni kwaso isihlahla ngokwemvelo, sibheka ukuthi sikulungele kangakanani ukukhiqiza imithi ethile? Sibe sesiyenza imithi sithathe amasampula siwahambise e-laboratory lapho eyohlolwa khona ukuthi azohlala isikhathi esingakanani uma sezenziwe emakhemisi kanjalo nesikalo esifanele,”
“Sihlola ubuthi ne-yeast siphinde sibheke nokuthi lowo mkhiqizo wesihlahla uyadliwa noma ulungele ukugcotshwa kuphela.”
Ngaphandle kwalo msebenzi, uphinde abe ngumnikazi wesikole sokuzicwala Ubuhle Beauty Academy esizinze iminyaka kwaSeda eThekwini. Unomkhankaso wokulwa nemikhiqizo eshintsha ibala lesikhumba kwabamnyama othi Ngimnyama Ngimuhle ohambisana nemikhiqizo yakhe yesikhumba yokulekela esebenenkinga yokulinyalelwa yisikhumba ngenxa yokusebenzisa okhilimu.
Uthe wasungula lo mkhankaso ngenxa yokukhathazeka ebona abantu besifazane besebenzisa okhilimu abanobungozi ngoba befuna ukubampofu kanti bayazilimaza. Uthe umkhankaso uNgimnyama Ngimuhle ukwazile ukukhuthaza abantu besifazane abanebala elinsundu kakhulu ukuthi baziqhenye ngebala labo.