“SIPHILA esikhathini lapho izinto eziningi zidinga ukwazi ukusebenzisa ubuchwepheshe besimanje ukumaketha imikhiqizo eyahlukene, okwenza ube yinyama ezinkampanini uma unolwazi nentshisekelo yokuchuma embonini yezokumaketha.”
Usho njalo uNkk Qhawekazi Mdikane, inhloko yophiko lwezokumakumaketha lwenkampani eyeluleka ngokuphatha imali iMomentum Brand, ecebisa abantu abasha ukuthi bangawenqeni umkhakha wezokumaketha, achume ngawo.
Elandisa ngohambo lwakhe kule mboni asesebenze kuyona iminyaka ewu-21, uNkk Mdikane odabuka eDikeni, e-Eastern Cape, uthe emva kokuphothula u-matric eSt Cyprian High, eKapa, ngo-1997, wayengazi ukuthi uzofundelani.
“Yilokho okwenza ngathatha ikhefu lokubheka ukuthi yini engingayenza ukuqhuba impilo, okuyilapho engathola khona ithuba lokuba sohlelweni lokufunda ngamasiko ezizwe ezahlukene eNew York, e-USA, iminyaka emithathu,” usho kanje.
Eqhuba, uthe esebuyile unqume ukuyokwenza i-BCom in Marketing Management e-University of South Africa (Unisa) ngo-2000, okumsize ukuthola umsebenzi wokuba yithwasa lweMercedez Benz ngo-2003, lapho asebenze khona iminyaka emithathu.
“Ngisuke lapho ngaba yi-Junior Product Manager yeLÓreal South Africa ngo-2006, ngasuka lapho sengiyojoyina iSAB ukuba yi-Assistant Brand Manager. Ukuzikhandla ngomsebenzi wami kungisize ngaba yi-Brand Manager yeCastle Lite ngo-2010, okuyilapho ngifeze khona okuningi empilweni,” kusho yena.
Uveze nokuthi ukubeka umsebenzi wakhe phambili njalo, ngenye yezinto ezamsiza wathola ithuba lokuba yingxenye yethimba elathula isiphuzo sotshwala i-Flying Fish ngo-2013 kuleli zwe.
Usebenzile naseSuntory Beverage and Food SA ngo-2016, naseKFC ngo-2018 eyi-Marketing Manager, kwaze kwaba wu-2020, lapho aba ngomunye wabadilizwa khona ngenxa yokubhoka kwegciwane iCovid-19 ezweni nasemhlabeni jikelele.
“Nalapho angihlalanga neze phansi, ngiqhubekile ngokuzihlupha ngomsebenzi, ngathola ithuba lokuba yisikhulu sezokumaketha eMomentum Corporate, njengoba sengilana engikhona manje. Konke lokhu kuwubufakazi bokuthi amathuba amahle ayavela uma uzimisele ngomsebenzi kule mboni,” kusho uNkk Mdikane.