UKWANDA nokungapheli kwezigameko zodlame lwezobulili olubhekiswe kwabesifazane nasezinganeni ezweni, ngenye yezinkinga ezihlale zikhathaza isikhulu esiphezulu sophiko lwezezimali eConsult by Momentum, uNkk Boipelo Ndimande.
Yilokho okwenze lo makadebona wezezimali wakhipha amathiphu okuzama ukunqanda ukuhlukumezeka kwabesifazane othandweni, okunye kwakho akholwa wukuthi kwenzeka kubona ngoba bengafundisekile ngemali.
UNkk Ndimande uthe enye yezinhlobo zokuhlukumezeka kwabesifazane okweyamene nezomnotho, lapho abaningi beba nenkinga othandweni ngenxa yokuthi umkhuba wokwenza wakudala uyehlukanisa ukuthi umuntu nomuntu kumele enzeni, kuncike emalini anayo.
“Lokho kwenza ukuthi abesifazane abaningi bavame ukubhekana kuphela nezindleko zansuku zonke ezinjengegrosa, izindleko zokufunda kwezingane, ugesi namanzi - ekubeni abayeni babo bematasa ngokusebenzisa imali yabo beyitshala ezintweni ezizobanothisa ngabodwana.
“Izimo ezinjalo zenza abesifazane bacindezeleke kwezomnoto, okuhamba kuze kufike esigabeni lapho owesifazane efuna ukushiya othandweni akulona. Okubi kakhulu wukuthi lokhu futhi kwenza abanye besifazane bazizwe bengenamandla, ikakhulu ezigamekweni zokuhlukumezeka kwabo, okwenza bahlale othandweni abahlukumezekile kulona ngoba beswele imali yokuzimela,” kusho uNkk Ndimande.
Ukhiphe amathiphu ayisithupha angaba wusizo:
1. Yiba ne-akhawunti obeka notshala kuyona imali ngasese:
I-akhawunti eseceleni neyimfihlo ingakusiza ezimweni ezinzima. Noma ngabe umuntu othandana naye umethemba kangakanani, kodwa i-akhawunti enjalo iyasiza ukuqinisekisa ukuthi uyakwazi ukuzimela uma kwenzeka kushintsha ukudla epuletini. Beka ingxenye yemali oyiholayo, noma ingaba ncane.
2. Tshala imali ezintweni eziphathekayo:
Uma isimo sasekhaya sikuvumela, xoxa nomuntu othandana naye ukuthi akuvumele utshale imali yakhe ezintweni eziphathekayo njengokuthenga umhlaba wokwakha, bese uqikelela ukuthi igama lakho liyavela etayiteleni lalokho ikakhulu uma ushade umshado ohlukanisa amafa.
3. Zifundise kabanzi ngezezimali:
Ukufunda nokuqonda ngezezimali kusiza ngokuthi uthathe izinqumo eziphusile, futhi kukufundisa ngolwazi lokutshala imali, ukuyonga nokuphatha umhlaba. Uma udinga usizo ngalokhu ungaxhumana nomeluleki wezezimali.
4. Bhalansisa indlela osebenzisa ngayo imali nsuku zonke nokwesikhathi esizayo:
Nakuba kusiza ukuhlela indlela osebenzisa ngayo imali nsuku zonke, kodwa akumele ukhohlwe wukuhlelela ikusasa. Hlukaniselanani izidingo zasekhaya, ukuze nisebenzise imali ngokulinganayo kwenikudingayo.
5. Yazi amalungelo akho ezomthetho:
Emazweni amaningi, umthetho ukhona ukuqinisekisa ukuthi impahla yabiwa ngendlela enobulungiswa emva kokwehlukanisa. Yenza ucwaningo ngamalungelo akho ezezimali mayelana nokuphatha umhlaba, ukwaba ifa nokunye okunjalo. Cela usizo lokwelulekwa ngalokhu uma kunesidingo.
6. Yiba nesikhwama sezimo eziphuthumayo:
Leso sikhwama kumele sibhekane okungenani nezindleko zakho zokuphila zezinyanga ezintathu kuya kweziyisithupha. Isikhwama esinjalo singakusiza uphume kalula empilweni ekuhlukumezayo.