ABANYE abantu besifazane akupheli isikhathi eside bengawasebenzisanga ama-antibiotics iMetronidazole, aziwa nge-flagyl ngenhloso yokuhlanza isinye ngoba bekholwa ukuthi singcolile ngemuva kokuya ocansini.
Ngokujwayelekile abayisebenzisayo basuke bethi baqeda iphunga elinukayo lembewu yowesilisa noma uketshezi oluphumayo ngemuva kokuya ocansini kodwa ongoti bezempilo bathi asikho isidingo salokho.
USister Precious Dlamini, we-Precious Womens Clinic , eseMlaza ekhuluma ekhasini lakhe kwiTik Tok lapho efundisa khona abesifazane ngezifo ezithinta bona, uthe akazi ukuthi ngubani owaqhamuka nokuthi i-flagyl eyokuhlanza isinye uma wena uzicabangela ukuthi singcolile, ungaguli.
Uthe kunokusetshenziswa budedengu kwala maphilisi akuthola uma ekhuluma neziguli zakhe, uthe abanye abantu besifazane abafika emtholampilo wakhe baye bathi basebenzise lama-antibiotics ukuzihlanza ngoba besola ukuthi bakhulelwe.
"I-flagyl akuyona eyokuhushula isisu uma uzwa unezimpawu zokukhulelwa, eyokwelapha amagciwane noma i-fungi kowesifazane ebonakala ngokuthi kulume esithweni sakhe sangasese noma kube noketshezi oluphuzi noma olumpunga. Iphunga elidalwa isidoda ebesihleli ngaphakathi kowesifazane ngemuva kokuya ocansini nomaqondana wakhe aliyidingi i-antibiotic. Iphunga lizoba khona ngoba isidoda siyahlala kowesifazane size sife okusho ukuthi ezinsukwini ezintathu ngemuva kokuya ocansini sizophuma lapho singene khona, asikho isidingo samaphilisi, kudingeka ukuthi kugezwe ngamanzi kuphela," kusho yena.
Uthe emphakathini kunokudideka ngokuthi kunini lapho kumele usebenzise khona lama philisi.
" Ukusebenzisa ngokweqile ama-antibiotics kudala ukuthi umzimba uwajwayele bese kuthi uma umuntu esenesinye isifo esidinga ukwelashwa ngawo angabe eselapheka ngawo. Kuye kube sengathi abezempilo bayehluleka ukumelapha umuntu kanti cha nguye obesebenzisa ama-antibiotics kungafanele," kusho yena.
Uthe ukusebenzisa ama-antibiotics kungaholela ezingeni lokushisa kwesitho sangasese siphazamiseke okungaholela ekutheni kube lula ukuthi ungenwe izifo.
Uthe okunye abantu besifazane abakwenzayo ukuzithengela ama-flagyl uma bezwa benezimpawu zokugula esithweni sangasese bangayi emtholampilo noma kudokotela.
“ Kuyenzeka ukuthi isifo onaso sidinga ukuthi usebenzise amaphilisi angu-20 wena ekhemisi uthenge amahlanu. Uma wenzenjalo awuzukwelapheka kanti inkinga idalwe nguwe, ngokuthi ungayi endaweni efanele,” kusho uSister Dlamini.
Inhlangano yezempilo emhlabeni, i-World Health Organisation (WHO) ekuqaleni konyaka ikhiphe umbiko oveza ukuthi ukusetshenziswa ngokweqile kwemithi elwa namagciwane kwandise ukusabalala kokungelapheki kwezifo okudalwa ukuthi imithi isuke isiminingi egazini.