ISHAYELWE izandla intokazi yaseRichards Bay, uLalela Mswane (24), othathe indawo yesithathu emcimbini kaMiss
Universe obungeSonto, ebusuku kwa-Israel, ngesibindi sakhe sokungenela yize bekunomsindo ngohambo lwakhe.
ULalela ophethe isicoco sikaMiss SA, uye kuleliya lizwe yize bekukhona izikhalo kuleli ngohambo lwakhe ngenxa yokuthi i-Israel ibandlulula abasePalestine.
Zijikile izinto izolo kukhona abakuleli abamshayele ihlombe uLalela nenhlangano ehlela umcimbi kaMiss SA, bethi ukuba nesibindi kwakhe kube yikhona okubeke le ntokazi lapho ikhona.
UTshepo Seleka uthe: “Besinawe thina abanye sikuxhasa ohambeni lakho.
UMandla Mandela ne-ANC nabanye abebengakuniki uxhaso okade uludinga”.
UNolwazi Mabaleka uthe: “Uhulumeni ngiyakholwa la ukhona uphoxekile ngemuva kokuthi uphume indawo yesithathu kulo mcimbi.
Siyakubongela ntokazi enhle ngokuba nesibindi futhi ukholwe ngamaphupho akho.” U-@FoxyGinnah uthe: “Kungijabulisile ukuthi uLalela abe kwabathathu bokugcina kulo mncintiswano. Abantu obekumele bamxhase bambhekisele phansi kakhulu.”
UJamludi Gumede uthe “Siyakubongela Lalela Mswane, intokazi yethu ephethe isicoco sikaMiss SA ngokuthatha indawo yesithathu kulo mcimbi. Ume nazo zonke izinkinga obubhekene nazo ngalo mcimbi.
Ubuzethemba futhi wazinikela.”
Iqembu lezepolitiki i-IFP lihalalisele le ntokazi ngempumelelo yayo.
Liveze ukuthi uLalela uyisibonelo kubantu besifazane namantombazane asemancane kuleli.
Ezibongela u-Lalela uthe ujabule ngokuba sezintokazini ezintathu ezihambe phambili.
“Uhambo lwami lube yinto okwakuyiphupho lami, namhlanje selifezekile. Ngihalalisela uHarnaaz noNadia esikwazile ukufika nabo ekugcineni kulo mcimbi nabanye ebesiyibambe nabo, abenze lolu hambo lwaba ngolubalulekile. Ngiyabonga kuwona wonke umuntu ongixhasile kulolu hambo,’’ kusho uLalela.
UNgqongqoshe sezeMidlalo, ubuCiko namaSiko kuleli uNathi
Mthethwa phambilini wakhipha isitatimende esiziqhelanisa nohambo lukaLalela wathi yize ekuqonda ukuthi kukhona okuthile uLalela ayengakuhlomula ngokungenela uMiss
Universe kodwa izizathu zokuthi angayi kulo mcimbi zazidlula umhlomulo womuntu oyedwa.
Izolo kuze kwashaya isikhathi sokushicilela bengaphawulanga mayelana nokuthatha kukaLalela indawo yesithathu kulo mncintiswano nokuthi ngabe bazomeseka yini kwezinye izinto ezithinta imisebenzi yakhe njengoMiss SA.