Zingane zakwethu, ngicela sifunde ukuthi lezi zibalo esizilandelayo azisisizi ngoba izifo zisiqeda silokhu sitshelwa kuthiwa konke kuhamba kahle kanti akunjalo.
Bangaki abantu bakithi abashaywa unhlangothi bebe bewadla amaphilisi e-BP (umfutho wegazi ongalawuleki), abantu bakithi ababuyi kwi-dayalisisi namhlanje kodwa izibalo zabo zazihamba kahle odokotela bakho bethi ayikho inkinga konke kusemgqeni.
Uthini ngabantu ababedla amaphilisi kashukela nawomfutho ophezulu wegazi kodwa namhlanje banesifo sokuphazamiseka emqondweni, abasawazi namagama ezingane zabo, sebehlala begadiwe ngoba sebevele bazule bengazazi ukuthi bayaphi?
Abanye abasakwazi ngisho ukuhamba; uthini ngabahamba kancane bebeka unyawo lapha eduze kolunye, ibhalansi ayikho, uma bebona umuntu uvele aphenduke isilwane noma inyoka?
Ngiyazi abanye baye bathi labo bantu babo baloyiwe kanti cha-bo yinkwethu namaxhwala osekungamathantala ebuchosheni, uyaye uthole abanye bengasakwazi ngisho ukuphefumula kahle.
Sinabantu abadayalayizwayo, asebafakwa okuxhumanisa imithambo enhliziyweni, bayaqhubeka namaphilisi nemijovo kashukela, imishanguzo yesifo sokuwa; ngeshwa bangahlaselwa inhliziyo, mhlawumbe unhlangothi noma yinini ngenxa yokuthi bayaqhubeka babuka izibalo zikashukela okanye ezomfutho ophezulu wenhliziyo.
Leli yichilo eliphindiwe! Izibalo kulezi zifo eziyizimbelambela njengomfutho ophezulu wenhliziyo, esifweni sikashukela, azisitsheli ngomonakalo owenzekayo ngaphakathi emizimbeni.
Ake sithathe isifo somfutho wegazi ophezulu, umonakalo wenzeka ezakhiweni zemithambo ngokuhlukana kwayo. Ngalokhu ngichaza ukuthi kunomonakalo wokulimala kwezakhiwo zemithambo nemithanjana ngaphakathi lokhu okuholela ekuhuzukeni kokunye nokuvuza kwemithambo le.
Lokhu kuhuzuka kuholela ekuncipheni kwemithambo kwesinye isikhathi nasekopheni kwegazi. Imiphumela yalapho wukufa kwezinso uma sikhuluma ngemithambo ehambisa igazi ezinsweni, ubuhlungu bezinyawo nezingalo uma kuthinteke imithambo ihambisa igazi kulezi zindawo. Kwesinye isikhathi kunqundeka amehlo ugcine ungaboni emehlweni uma kuyimithambo ehambisana namehlo.
Sisakhuluma ngamehlo, ngifisa ukugcizelela ukuthi yingakho kubalulekile ukuthi odokotela njalo bakubheke laphaya ekujuleni kwamehlo ukuze uma wopha, kunemihuzuko kule mithambo, kusheshe kubonakale ukuze kubhekelwe.
Bangaki odokotela nabahlengikazi abasawenza lo msebenzi wokubheka le mithambo nemithanjana emehlweni? Konke lokhu kulimala nokopha kwezakhiwo zemithambo, kwenzeka lapho umfutho wenhliziyo namanani kashukela engabonisi inkinga, konke kukuhle.
Yingakho ngingahambisani nalolu hlelo lukahulumeni lokuthi laba bezifo ezingamahlalakhona mabalande imishanguzo yabo ezindaweni lapho bengezukuhlolwa khona kulandelwe okwenzeka ngaphakathi ezakhiweni zomzimba.
Lolu hlelo lusekelwe ezibalweni hhayi ekuqinisekisweni kokwenzeka ngaphakathi kwizakhi zomzimba. Ngike ngenza uphando lapho ngithathe igazi lalabo abangayidli imishanguzo yesifo sikashukela, lapha bengiqhathanisa lezi zibalo zokucofwa eminweni uma kukalwa ushukela egazini, ngikuqhathanisa nehomoni i-iInsulin egazini.
Lapha ngithole kubantu abane i-Insulin ephezulu kodwa izibalo ezikala ushukela zikahle zingakhombisi nencane inkinga.
Lokhu kuchaza ukuthi laba bantu bebezazi bekahle bengenankinga kanti ushukela usuwaqala kudala. Ngike ngachaza kwenye ingosi ngithi ukubheka ushukela egazini ngokucofwa kusilele emuva kakhulu ngoba kona kusebenzisa igazi elingaphandle kwezakhi zomzimba.
Ukugula nemishini yomzimba ingaphakathi kwizakhi zomzimba hhayi ngaphandle.
Uma ubheka ushukela ngokucofwa, usuke uzigunguluzela ngaphandle ungakafiki lapho kwenzeka khona izinto ezinokugula phakathi. Yingakho abaningi begcina sebenezifo zohlangothi, izinso, benqanyulwa imilenze, bephazamiseka ukusebenza komqondo: silokhu sibuka izibalo singabuki imbangela yokugula, umsusa wakho.
Sekuyiculo kule ngosi, ukuphinda sigcizelele ukuthi umsusa wezifo ngamafutha akheleka abe wuqilima esibindini. Amafutha esibindini aphenjwa yizinto ezine: ushukela, utshwala, ama-protheyini akhethekile ikakhulu esiwathola uma sidla isifuba senkukhu kanye namafutha ayingozi ephindiwe okuthiwa ngama-transfatty acids.
Kucaca bha ukuthi imbangela yokuthi sigule sife kangaka, wukudla esikudlayo. Isikhathi eside silokhu sigcizelela izibalo zalezi zimpawu esithi yizifo, ukugula kube kusiqeda ngapha nangapha. Kukithi ukunquma indlela eya phambili, singahlala sibuka okanye sithokozele izibalo, zibe izifo zisiqeda nsuku zaphuma.
Okubuhlungu kakhulu esifweni sikashukela wukuthi silandela izibalo ezisinikeza isithombe sangaphandle kwesakhi somzimba okuthiwa yi-cell endaweni ye-homoni i-Insulin okuyiyona engaphakathi kwi-cell njengoba sike sasho. I-homoni i-Insulin ibaluleke kakhulu emzimbeni kangangokuthi ukungasebenzi kwayo kahle:
n Emithanjeni ethile kubanga unhlangothi nenduku engasebenzi
n Ebuchosheni ibanga umqondo ophundulekile
n Esidlekeni kowesifazane ugcina engabatholi abantwana
n Emehlweni ugcina engasaboni kokunye kugcina sekuphoqa ukuthi engulwe
n Ezinsweni ugcina esekuyi-dayalisisi
Ngizama ukukhombisa ngokusobala ukuthi ukunaka izibalo akusisizi ngalutho ngoba isifo sisuke siqhubeka ngaphakathi simudla umuntu kodwa izibalo zibe zingakhombisi lutho olubi. I-homoni i-Insulin yenza umonakalo ohlukene ezindaweni ezahlukene.
Okumele sikwenze wukuya kudokotela ozokwazi ukubona ukuthi kwenzekani ngaphakathi ukuze usizakale. Ukujabulela izibalo ozibona zihanba kahle akukusizi, njengoba ugcina usunqanyulwe imilenze kwesinye isikhathi kodwa ube uzibona zikahle izibalo emshinini zingenankinga.
Mpilonde!!