UDIDEKILE umndeni wowesilisa waseMzimkhulu, kudutshulwa kubulawa inhloko yekhaya ehlaselwe isemzini wayo ngeSonto kusihlwa.
Umufi uMnuz Muzikayifani Zulu (64), kuthiwa udutshulwe ngabesilisa abamdubule ehamba egcekeni lakwakhe kungazalele muntu.
Umthombo ocele ukungavezwa, uthe kufike imoto yohlobo lwePolo elimhlophe, kwehla amadoda amabili abengazifihlile ebusweni, avulela ngenhlamvu kuZulu, waphelela khona lapho.
UNksz Nomaswazi Zulu oyindodakazi kamufi, utshele Isolezwe ukuthi bekuyizithuba zabo-10 ebusuku ngesikhathi kupaka iPolo egcekeni.
''Leli Polo silibonile liqhamuka phesheya komgwaqo likhanyise amalambu lihamba kancane. Kuthe kungekudala salibona lisondela lizongena lapha ekhaya,'' usho kanje.
Uthe ubabonile abesilisa ababili abehle kulona kodwa ubeqala ngqa ukubabona empilweni yakhe futhi akaboni nanokuthi angakwazi ukuphinde abakhombe.
"Engikuqaphelile nje ukuthi kukhona obefake ivesti, kanti omunye yena ubefake isikibha esibomvu nesigqoko ekhanda. Ngabe ngiqamba amanga aluhlaza uma ngingathi ngake ngababona labaya bantu.“
Uthe akababuzanga lutho, behle emotweni kwathi obefake ivesti wakhuluma amazwi athi: "Ya ubucabanga ukuthi kuyadlalwa uma bekutshela ukuthi uzobulawa?“
Uthe yilawa mazwi abenza basole umkhwenyana kadadewabo ngoba ubehleli esongela umufi uma emkhuza ngokuthi akahlukane nokuhlukumeza indodakazi yakhe.
"Umkhwenyana ubehlukumeza udadewethu, emshaya ebese ebuya ezosho kubaba. Muva nje, udadewethu ubalekele ekhaya. Umkhwenyana wase eyafika wathi uzolanda umakoti wakhe ngodli. Kuthe uma ubaba enqaba wayesethi alibambe lingashoni, ziyobe ziningi izinsuku ezine ephila,'' usho kanje.
Uthe nebala kaziphelanga izinsuku ezine uyise edla anhlamvana.
Uveze ukuthi okubaxaka kakhulu manje ukuthi umkhwenyana akatholakali ocingweni.
"Sithe uma siya eXobho okuyilapho aganwe khona ngudadewethu, samfica engekho. Udadewethu usitshele ukuthi akabuyanga ekhaya emuva kokuba kade ezoxabana nobaba,'' usho kanje.
Isolezwe likhulume noNkk Mbali Khumalo okusolwa umyeni wakhe (elingeke lidalulwe igama lakhe) ngalokhu, wathi akathandi ukukhuluma kakhulu ngalo.
Kodwa ukuqinisekisile ukuthi ngampela umyeni wakhe umsongelile uyise.
"Kubuhlungu ukuthi kubulawe ubaba ongizalayo ngendlela engaqondakali ngalolu hlobo. Kodwa sengilinde ukuthi lo omsongelile abuye eze ekhaya, mhlawumbe kukhona azongitshela khona,'' kusho uNkk Khumalo ngamafuphi.
Imizamo yokuthola ukuphawula kwamaphoyisa ayiphumelelanga, kuze kwashaya esokushicilela.