KULINDELEKE ukuthi ziyikhiphe yonke ingonyuluka izigodi ezimbili zaKwaNongoma ezingabhekani uma sezihlangene noNgqongqoshe wezamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu ngoMgqibelo.
Kuhlelwe ukuthi uMchunu abe nemihlangano emibili, ezohlala ngokwehlukana nesigodi saKwaMusi nesasoNyango.
Lokhu kuza emva kweziwombe zokubulalana kwezakhamuzi zalezi zigodi kusuka ngoJulayi nyakenye.
Ikhansela lendawo elilwazi ukusuka nokuhlala udaba lolu daba, uMnuz Smangaliso Mbatha, lithe kulindeleke ukuthi zikhulume konke izakhamuzi uma sekukhona uMchunu.
“Phambilini kwakuhlelwe ukuthi kwenziwe imbizo eyodwa, ehlanganisa zombili izigodi kodwa izakhamuzi zakuchitha lokho. Zathi uma imbizo iba yinye, kuzoba nzima ukukhuluma ngokukhululeka,” kusho uMbatha.
Uthe balinganiselwa ku-8 abantu asebebulewe kulezi zigodi zombili kusuka ngoJulayi.
Kuthiwa isigameko okukholakala ukuthi saba yisisusa, kwaba ngesokubulawa komfundi wasoNyango, owagwazwa owaKwaMusi egcekeni lesikole, iSihlahla Senkosi High.
Kuvela ukuthi emva kwalokho kubulawe abantu nhlangothi zombili, okukhona kubo nenduna yaKwaMusi. Ababulawe emva komfundi bebedutshulwa.
Lokhu kugcine kuholela ekutheni abafundi abalinganiselwa ku-50 basoNyango basiyeke isikole besaba ukwenzakaliswa. Kuvela ukuthi isikole samabanga aphezulu sisodwa kule ndawo, iSihlahla Senkosi, kanti siKwaMusi, obekwenza abazali babafundi basoNyango babe nokwesaba.