Inhloso yokugana ukwakha umuzi, uwakha kanjani uhlezi emqashweni ungayi emzini?
Kunezinqumo esizithatha empilweni singasiqondi isisindo sazo, ngengakho ukuvuma isicelo somshado.
Esikhathini esiningi umuntu uvuma isicelo somshado ngoba ebheke umuntu ophambi kwakhe, lo athandana naye. Akhohlwe umuntu ukuthi lesi sinqumo sifaka abantu abaningi, abanye uyabathanda, abanye kawubathandi kodwa kumele uphile nabo futhi ubambisane nabo ezintweni eziningi.
Ibuhlungu indaba yomakoti abangakuthandi ukusondela emzini. Umuntu afike ngoba kunomcimbi noma kushoniwe, angazihluphi nje uma kungonakele lutho.
Kanti le migano eniyiganile nenzela ukubukwa, hhayi ukuyokwakha nokuvusa imizi yenu?
Kuxake kakhulu usubona ngomyeni wakhona esephashile nje ebuya yedwa emakhaya, usezoqamba amanga ethi umakoti uyasebenza noma akaphilile enzela ukuthi ekhaya bengamsoli. Omunye ugcina eselanywa nje ngoba bayakhononda abazali nomakoti ongekho ekhona.
Mhlawumbe odadebethu bangasichazela ukuthi baxoshwa yini emzini yabo, nokuthi bayayiqonda na inhlosongqangi yomendo.