Ukuxoxa ngocansi yinto ebalulekile kubantu bonke asebelwazi nabalwenzayo kodwa kunezihloko zocansi ongeke ukwazi ukuzikhuluma nomngani okanye nomuntu osondelene naye.
Ngikhuluma ngezihloko ezidinga ukuthi uzixoxe ngqo nomuntu othandana naye. Isikhathi esiningi, ikakhulukazi kithina bantu besifazane, kuba ngconywana uma lezi zinto zocansi sizoncokola ngazo nabangani bethu. Kodwa kufanele sikuqonde ukuthi akuzona zonke izihloko okanye izinto ezithinta ucansi esingazikhuluma nabangani bethu.Yebo, kumnandi ukuthola amasu namacebo kanjalo nemibono evela kubangani kodwa kwesinye isikhathi imibono yabangani ayifuneki ikakhulukazi uma indaba iqondene ngqo nawe nomuntu wakho.
Akuzona zonke izinkinga esibhekana nazo othandweni okufanele sizikhiphele kubangani bethu ngoba nabo babuye basifake ehlathini bese isimo sibheda kakhulu okanye bavele basihleke esikhundleni sokuthi basisize noma bangasiniki lesi sixazululo esisifunayo. Ngihlale ngisho ngithi ayikho inkinga yothando ehlula abantu ababili abathandanayo, ngokubambisana nangokulalelana niphinde nisekane omunye akwazi ukulalela umbono womunye. Wena nophathina wakho ningakwazi ukuxoxa nanoma ingayiphi inkinga enisuke nibhekene nayo.
Ubudlelwane obuningi babantu abusebenzi nje kungenxa yokuthi babuye bathembe kakhulu abangani ngezindaba zabo ukudlula abantu babo. Angiphiki, ungamthemba umngani wakho ngendaba yakho ngoba mhlawumbe nisuka kude naye okanye umxoxele nje ngoba ufuna ukubhodla kodwa kunendaba okufanele igcine phakathi kwenu njengezithandani.
Kunezindaba esizibiza ngokuthi ziyimfihlo yasekamelweni okungafanele ziphumele ngaphandle okanye zaziwe abantu ngoba ziyihlazo lenu okungathi uma abanye abantu bengase bazizwe bavele banihleke.
Lezo zimfihlo yizona kanye-ke okufanele ziphelele phakathi kwenu njengezithandani, ukwenza nje izibonelo ezimbalwa. Awukwazi ukuthi uma isoka lakho linenkinga yokungavuki nokungaqini kwenduku bese wena uhamba ufafazela izwe lonke ukuthi ningibona nje mina ngibulawa yindlala. Ngisho noma owesifazane wakho enenkinga enkomeni, nakhona awuhambi ucula izwe lonke kodwa kunalokho nihlala phansi nibhunge ngenkinga bese niyasukuma ngokubambisana niyofuna usizo kubantu ababhekene ngqo naleyo nkinga nabanolwazi oluthe thuthu.
Uma izimfihlo zenu nizinekela izwe angiqondi kahle ukuthi nisuke nifuna lenzeni okanye nisuke nifuna ukuhlekwa kwenziwe ngani ihlaya endaweni? Ukuthi abantu bangakuthathi kancane uzakhela wena ngokuthi uhambe ukhuluma noma yini ngawe okanye ngesithandwa sakho. Kubalulekile futhi nokwazi umngcele phakathi komngani nomuntu wakho. Yebo ungabadinga bobabili labo bantu empilweni yakho kodwa kufanele wazi ukuthi indima abayidlalayo ayisoze yafana futhi ayilingani. Qinisekisa futhi ukuthi noma ngabe yini oyincokola noma oyixoxa nomngani wakho, uma kwenzeka igcina iwele ezindlebeni zomuntu wakho angeke izwakale kabi futhi angeke imhlukumeze okanye imenze aphelelwe ukukwethemba ngezimfihlo zenu zaselawini.
Angibhekisile kwabesifazane kuphela kodwa nakubantu besilisa ngoba nabo bakhona abakhahlelwa ihhashi esifubeni, abangakwazi nhlobo ukugcina izimfihlo. Ngalokhu futhi angisho ukuthi yekani ukuxoxa nabangani benu, angisho futhi ukuthi yekani ukucela imibono kubona okanye ukubakhalela uma ninezinkinga kodwa ngithi kunezihloko eziphathelene nawe nomuntu wakho ongeke ukwazi ukuzixoxa nomngani ngenxa yokuthi zidinga nina nobabili njengezithandani.
Noma ngabe iziphi izinkinga enibhekana nazo, ningakhohlwa ukuthi akunina nodwa kodwa baningi abantu abasezinkingeni othandweni. Ningakhohlwa futhi ukuthi akukho okungadluli inqobo nje uma nizimisele ngokuthi kudlule. Ukubambisana nokuhlala phansi nidingide ngezinto enibonayo ukuthi zingase zime endleleni yenu yikona okunganisiza ekutheni uthando lwenu luye phambili. Ukuphuma niyofuna usizo kubantu abaqeqeshelwe ukusiza ngezinkinga zothando nocansi yikona okunganenza ningagcini seniphambanisa umngani nophathina. Othandweni kuyabanjiswana.