Umbuzo:
NGICELA ukubuza MaGumede, sikhona yini isidingo sokuthi umuntu obuthandana naye ahambe ehlekisa ngawe uma senihlukene, axoxele nabantu amahlazo enu? Ngingowesilisa, owesifazane ebesengizwane naye isikhathi eside ungibambe ngijola wangala. Bengilingekile ngempela ngoba ubengenzela yonke into futhi engithanda kwazise nguyena usebenza kangcono. Mina bengibuye ngiphelelwe itoho kodwa ubewa evuka nami. Manje njengoba sesihlukene usehambe exoxela abantu ukuthi induku yami incane futhi nezikhindi zangaphansi bengizithengelwa nguye. Yebo yena uqinisile konke angihleba ngakho, kodwa manje kungani exoxa amahlazo ethu ngoba phela besithandana? Ngihlukumezekile ngiyinhlekisa manje endaweni.
Impendulo:
Wena ke yini obuyijolela ngoba uyasho kahle ukuthi ubekuphethe kahle futhi ekusiza? Ubusukwe yini ngempela? Niyahlupha ngalo mkhuba wenu wokunganeliseki. Uwena ozenze inhlekisa kubantu ngokuhamba uveza itotolozi yakho kanti bekulungile yaziwa uyena yedwa futhi ubeseze wayijwayela. Angikudabukeli mina ngoba awuzihloniphi, umuntu okubekezelele unetotolozi encane wena bese ubona kukuhle ukumjolela? Funda isifundo bhuti, ungamjoleli umuntu othandayo futhi owaziyo ukuthi naye uyakuthanda. Yena akenzi kahle uma ehamba ekuhleba, uma ikhona indlela yokuzama ukuxoxa naye, okungenani umcele ayeke ukuhambe ekuhleba. Kodwa nawe...Hhayi!