UMBUZO
NGIYABINGELELA MaGumede elawini lakho. Ngisize ntombi nakhu ngizithola ngixakekile engqondweni. Ngithandana nalo bhuti, konke kuhamba kahle, inkinga yami wukuthi ungixinile ufuna ngimtholele ingane.
Manje inkinga yami wukuthi senginazo ezinye izingane ezimbili kobaba abehlukene. Ngiyesaba MaGumede ukuthi naye uzongikhulelisa bese engilaxaza njengalaba abanye. Ngiyasaba ukuthola omunye umntwana ngingakashadi nasekhaya angeke kwehle kahle.
IMPENDULO
SAWUBONA sisi, ngiyayiqonda inkinga yakho kodwa kuhle ukhulume nesoka lakho ulichazele inkinga yakho ulicele ukuthi okungenani liqale liyovela kini ngaphambi kokuba ulitholele umntwana.
Kuyiphutha ukuthi likuxine ngokuthi ulitholele ingane ekubeni kungekho lutho ngasesayidini lalo olukhombisa ukuthi kukhona la eniya khona.
Kubi ukuvele uthole ingane ngoba nakhu indoda iyayifuna. Iyifuna ngaliphi? Ifuna nibe wumndeni? Kumele nalowo mbuzo uwubuze. Uma likuthanda ngempela lizokwenza njengokusho kwakho okanye lilinde lize lithole amandla okukulobola.