Umbuzo
MaGumede, ngicela ungitakule sisi nakhu ngibishile. Isoka lami langifihlela ukuthi lisathandana nomama wengane yalo laze langikhulelisa. Manje ngithe ngisahleli nalo ngabona memfu umama wengane, saxabana nalo. Lathi belisaba ukuthi ngizolishiya. Unina wengane usevele wazohlala nalo akasanyakazi, mina angisakwazi nokulibona.
Impendulo.
Ngiyasiqonda isimo obhekene naso futhi isoka lakho libhedile ngokukuqambela amanga kodwa kumele ukuqonde ukuthi esikhathini sanamhlanje kunzima ukuthola umuntu wakho wedwa. Engingakusho nje sisi ukuthi khuluma nesoka lakho libone ukuthi liyixazulula kanjani le nkinga. Ulitshele futhi ukuthi uyalikhumbula, udinga ukuba seduze kwalo njengoba uzithwele. Yilona eliqale yonke le nyovanyova ngakho-ke kuzomele lizame imizamo yokuyilungisa liphinde likulungele nokondla ingane le yakho ezayo. Ngikufisela inhlanhla.