Ngiyabongelela ntombi yakoGumede. Awungisize la dadewethu nakhu ngizohlanya. Ngineminyaka ewu40, indoda engizoshada nayo ineminyaka ewu46, inezingane ezintathu mina nginezimbili. Isilobolile kushoda usuku lomshado. Nawo sihlela ukuthi ube ngawo lo nyaka. Inkinga wukuthi ithi ngeke ikwazi ukuhlala nezingane zami ezimbi ngoba nayo inezayo. Onina ababili sebashona. Uthi ke ezami angizishiye ekhaya. Ezakhe sezikhulile ngoba, ineminyaka ephakathi kuka 12 no-20 ezami zisafunda emabangeni aphansi. Ngaphuza ukuba nezingane. Endala ino11 eyesibili ino-9. Lezizingane zami zisasidinga isandla sikamama. Yena ke uthi angizishiye nomama ongizalayo. Eyi MaGumede iyitshe emphinjeni lento kimina ngoba ngiyamthanda kodwa nezingane zami ngiyazithanda angikwazi ukuvele ngizishiye nje nomuntu osekhule ngale ndlela nokwenza zingamantombazane.
Impendulo
Yaze yanzima into obhekene nayo dadewethu! Kona uma sikhuluma iqiniso, izingane ozithole ungakashadi zisuke zingezakomalume okuyikini lapho. Kodwa ke esikhathini samamhlanje abantu sebeyakwazi ukuxoxisana uma beshada, bakwazi ukuhlala bonke babe wumndeni. Inkinga umyeni wakho angayiboni la wukuthi uzothi ushadile kodwa inhliziyo yakho izobe isezinganeni zakho, okuzokwenza ukuthi ungaqini umshado wenu. Kuzoba nzima sisi ukukhetha phakathi kwezingane zakho nomyeni, yingakho ngifisa sengathi ningathola noma umuntu wesithathu enizombikela le ngwadla, icutshungulwe, asho naye okumenza angafuni ukuhlala nezingane zakho ngoba nginesiqiniseko sokuthi zikhona izizathu anazo noma ububi ake wabubona. Mcele ahlanze konke okusenhlizyweni ukuze okungenani umqinisekise ukuthi lezo zinto ngeke zenzeke kowenu umshado. Ake nikhulume nesihlobo esikhulile sinixazululile le nkinga.