Umbuzo
MAGUMEDE, sineminyaka emithathu sishadile nonkosikazi. Ngisebenza kanzima ukuze aphile kahle kodwa ungifakele ingcindezi ngoba uthanda izinto kakhulu. Ngiyazama kodwa uyadinwa uma ngithi anginawo amandla futhi usengishitshele, angisazi ngenze njani, sengize ngazinikela onasotshwaleni.
Okubi wukuthi sengingene esilingweni sokulala nabanye abafowethu ukuze banginike imali bese ngimenzela akufunayo yena nengane yethu. Senginayo impela imali kodwa ayingithokozisi ngoba ngiyinikwa yindoda engike ngilale nayo emfihlweni. Le ndoda uyayazi naye. Kodwa, okukhulu kunakho konke wukuthi ezinsukwini ngiphuke umoya uma ngithola ukuthi kanti nomkami uzitika ngocansi nale ndoda, engilala nayo nami. Ungi@eb#ela nayo MaGumede!
Nginamahloni kakhulu futhi kuningi okusemqodweni wami. Izolo cishe ngazibulala, ngilimele kakhulu. Ngicela ungibonise ukuthi ngenze njani ngoba uma kuqhubeka, ngizogcina ngimbulele futhi nami ngizibulele.
Impendulo
SINZIMA isimo obhekene naso bhuti wami. Kodwa, ngifuna ukuqala lapha, musa ukuyicabanga eyokuzibulala. Kayikho into engalungiseki uma uzinikela ekutheni ilunge. Nobabili nenze amaphutha. Ngeke kunisize ukukhombana ngeminwe. Okubalulekile njengamanje ukuthi kuxazululeke inkinga, kuphume namanzi endlini. Kubalulekile ukuthi uthole ukwelulekwa ngokomqondo njengamanje. Okunye wukuthi umuntu okuthandayo ngeke akufakele ingcindezi ngokuthi akufune izinto ongenazo. Umuntu owenza kanjalo, akakufanele. Kumele ngabe waziqhathulula ekuqaleni ukuze kumcacele ukuthi awunawo amandla ezimfuno zakhe. Okomlisa onidlalayo, ungusathane uqobo! Phuma ngempela kuyena. Kumele uthathe isinqumo futhi umtshele ukuthi usuyazi ngesenzo sakhe. Okungikhathazayo ukuthi usazokwazi yini ukuthi ukuyeke ukulala namanye amadoda ukuze uthole imali ngoba usuze waqala? Kumele uzifune nawe, mhlawumbe uyabathanda abesilisa. Kalikho icala uma ubathanda okusemqoka wukuthi uhlukanise phakathi kothando nokulala nabo ngenxa yemali.
Angikwahluleli kepha ngikweluleka ngokuthi kuzomele uthole usizo lwabantu abanolwazi ukuze uchazeleka kahle. Elinye iqiniso okumele livele wukuthi ngabe udinwa yingcindezi oyifakelwe ngumkakho eyenza ukuthi ulale nenye indoda noma udinwa ukuthi wena nomkakho nilala nendoda eyodwa?
Ngeke zikujabulise izimpendulo kepha zibalulekile ukuze ukwazi ukucaba indlela eya phambili. Kalikho icala uma uzikhethela ukuthi wenzani ngempilo yakhe kepha akufuneki ukuthi uphoqeleke ukwenza okuthila ngenxa yengcindezi yokuthola imali.
Impilo yakhe isemqoka futhi nawe kumele ujabule ngezinqumo ozithathayo. Ngicela ungazibulali mfowethu. Konke kuzolunga. Uma kungenzeka ungavakashela esontweni ukuze uthole ukwelapheka emphefumulweni ungaze wenze okungafanele.
Ngiyacela bhuti, ungazibulali!
Ngicela uxhumane nezinhlangano ezingakwazi ukukusiza:
South African depression and anxiety: 0800 567 567
Love life: 0800 121 900
Akeso crisis helpline: 0861 435 787