KULELI sonto sigxile ekutheni indoda iyadinga ukuhlonishwa inikezwe indawo yayo kodwa kube yindoda nayo ekukhombisayo ukuthi kuyifanele lokho, kuloba uDISTANCE GUMEDE
Kwesinye isikhathi kuyenzeka wena ungumuntu wesifazane, uthandane nendoda obonayo ukuthi awuyisabi futhi ungayigingqa ngenqindi kodwa ngokwesiZulu nangendlela esikhuliswe ngayo emakhaya, sazi ukuthi indoda iyahlonishwa futhi ayibekwa isandla noma ngabe ayilutho kangakanani.
Ngisho noma ngabe ayinalutho kanjani kodwa indoda kuyohlezi kuyindoda.
Kwesinye isikhathi thina bantu besifazane sike senze izinto ezikhombisa ubuwula nokungabi nangqondo ngenxa yokwehlulwa wuthando.
Ngikhuluma nje kunabantu besifazane abazithola beboshiwe ngenxa yokuthi bahlulekile ukulawula izinhliziyo zabo nesikhwele abanaso.
Ngikhuluma nje kunabantu besifazane abaliwe ngenxa yokuthi bahlulekile ukuzibamba nokulawula imizwa yabo.
Ngikhuluma nje kunabantu besifazane abafika ezindlini zamadoda bacekele phansi yonke into babulale ngisho amawindi ngenxa yokuhlulwa yisikhwele nokucabanga ukuthi uphathina wakhe akathembekile.
Namhlanje ngifisa thina bantu besifazane, asizifundise ukuhlonipha nokuthobela amadoda esithi siyawathanda.
Ngisho ngabe indoda kayinalutho kodwa ukuyihlonipha kulungile.
Uma Indoda ihlonishwa nguwena kuqala othandana nayo, lokho kudala ukuthi nabantu abasemaceleni bayihloniphe, ibe nesithunzi futhi emphakathini.
Abanye abantu baye basebenzise ukuthi bafunde kakhulu ukudlula amadoda ebese besebenzisa lawo mandla kanti abanye baye basebenzise ukuthi banokuningi ukudlula amadoda kanti bazomosha izinto benganakile.
Mina ngikhule emndenini ongenalutho, ubaba engasebenzi kodwa umama ubengakhohlwa ukuthi wubani inhloko yomuzi phakathi kwakhe nobaba yingakho ngifisa sizifundise ukuhlonipha amadoda thina bantu besifazane.
Angisho ukuthi siwathandaze kodwa ngithi asiwathobele njengabantu besifazane
Indoda enikwa uthando nehlonishwayo ngisho ingenalutho, kukancane uyithole inehliziyo encane ngoba iyazi ukuthi yebo angisebenzi kodwa unkosikazi wami uyazi ukuthi yimina inhloko yalo muzi.
Yebo, ngiyazi ukuthi anginamali kodwa akusho ukuthi unkosikazi wami akahambe ema ngegama lami komakhelwane.
Inhloso lapha wukwakha umuzi nokujabhisa izitha nokwenza umuntu wakho wesilisa into ebalulekile noma ngabe akanalutho kanjani.
Into ebuhlungu kakhulu wukuthi kuthi sesikwenzile konke lokhu, thina bantu besifazane, indoda ebese izozibonakalisa ubunjalo bayo, iphinde ibonge ngepuleti lendle.
Uyenzele yonke into indoda ekugcineni bese izoshada nomuntu wayo wamaphupho.
Yileyo nto-ke eyenza thina bantu besifazane simelwe yingqondo nenhliziyo. Indoda enjalo ayidingi kuhlonishwa.
– Isolezwe NgoMgqibelo
(Ungaphuthelwa yingosi kaMaGumede kule mpelasonto kwiSolezwe ngoMgqubelo!)