IMOTO: SUZUKI SWIFT
KUFANELE ukuthi kuthe sekuyosongwa unyaka ishampeni ibisivele ihleli emaqhweni kwaSuzuki Auto South Africa ngoba babe no-2024 omuhle ekudayiseni izimoto zabo.
Ngaphandle kokuthi bake bagudluza iVolkswagen Group Africa ngokuba yinkampani yesibili edayise kakhulu ngo-Ephreli, kuthengwa izimoto zabo ezingu-4 891, iVW idayisa ezingu-4 785 kodwa unyaka wonke bebenza kahle.
Enye yezimoto ezibalwa nezidayisa kakhulu kule nkampani yiSwift efike ngesikhathi esikahle ngaphambi kukaDisemba.
Yiwona belu uDisemba engithole ithuba lokuchitha nayo isikhathi lapho okungenze ngaqonda kahle ukuthi kungani isiphenduke enye yezintandokazi ezimotweni ezincane.
Lapha encintisana khona kukhona nePolo Vivo, okuyimoto eyakhiwa kuleli ethandwayo futhi esanda kuthuthukiswa.
ISwift nokho iyayimela into yayo ngoba zisuka nje ebhandeni, ngaphandle iyaheha. Bayipheke ngomhluzu wenye ngoba abayenzanga yahluka kakhulu kuneyakudala.
Ungathi ngowesifazane ohambe waya eTurkey wabuya esenze iBBL (Brazilian Butt Lift) ngoba ibukeka kangcono.
Izinga layo liyenze yabalwa nezimoto ezingu-17 ezisembangweni we-2025 South African Car of the Year.
Okungalindelekile ukuthi iyawadonsa amehlo kanti futhi isiqala nokuba intandokazi kubantu - kusukela kwabasha abasanda kusebenza, besabheka izimoto ezinhle futhi ezingaligugisi iphakethe, kuya kubantu asebekhulile abazibhekela imoto encane, enhle futhi engalimazi kuphethroli.
Ngithe ngizihlalele ekhaya, kwangena umakhelwane - insizwa nje esayintsha esebenzayo, yathi: “Makhelwane, le moto ngiqeda kubona isikhangiso sayo kumabonakude, bengingalindele ukuyibona bukhoma. Isivele yayinhle kakhulu, ngiyayithanda.”
Ngibe sengibala ukuthi cha, yona inhle impela futhi noma uhamba ngayo uyazizwa ukuthi uhamba ngemoto encane, enhle futhi enakho konke okwesimanjemanje.
Ngibale ukuthi inama-LED daytime running lights futhi amalambu ayazikhanyisa uma kuba mnyama, inama-fog lights bese iba namarimu angu-15 inch.
Ngaphakathi idunyiswa ngebhathini, inamawindi kagesi womane (okuyinto ongayitholi kwiPolo Vivo), izibuko zihlelwa ngogesi, ine-touchscreen infotainment system ekuvezela iminingwane eminingi njengophethroli onawo nebanga ongalihamba, usuku nesikhathi, ingemuva uma upaka futhi uxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Androind Auto.
Ngezansi kune-auto aircon okuba wukuciphiza ibhathini elilodwa bese izihlela izinga lokushisa.
Nesikhala sayo asikhalisi nhlobo ngoba incane impela kodwa ivuleke kahle sinele khaxa sabahlanu. Ibhuthi ingu-265 litres kodwa iyakwazi nokulalisa izihlalo.
Into ebengingayinakile eze yaqaphelwa ngebengihamba naye wukuthi asikho isibuko sokuzilungisa eceleni komgibeli uma uvula okokusitha ilanga phezulu.
Emgwaqweni kulula ukuyishayela ngoba amagiya ayazingenela kwazise nama-pedal athambe kahle. Inenjini engu-1.2 litre kaphethroli enamandla angu-60kW ne-torque engu-112Nm. Ngicabanga ukuthi ukwehliswa kwama-cylinder abe mathathu njengoba kade emane kunomthelela ekutheni ibuye izwakale ngathi ishodelwa ngamandla, ikakhulukazi ezindaweni ezinyukelayo. Okuyisizayo kodwa wukuthi ayinaso isisindo esikhulu ngakho iyakwazi ukubamba ijubane emgwaqweni ovulekile.
Okumnandi wukuthi ine-cruise control, ine-Electronic Stability Programme, ama-airbag ayisithupha okuyinto eyenza idlule izimbangi eziningi ne-ABS.
Sengihambe cishe amakhilomitha angaphezulu kuka-2000 ngayo kodwa angikaze ngisondele ku-4.4l/100km okuthiwa idla wona kubo kwayo. Ilokhu ihleli ku-5.6l/100km nokuyinto engakhalisi.
Ukuyigcwalisa kudla ngaphansi kancane kuka-R700 bese iveza ukuthi ungahamba 558km.
Intengo:
Suzuki Swift 1.2 GLX manual: R264,900
Ifika ne-service plan yeminyaka emibili noma u-30 000km ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-200 000km.